Amaphupho mayelana nobugebengu

Ukuphupha ugqekezelwa endlini kodwa ufice kungathathwe lutho kungasho ukuthi amandla onawo angaphezu kwamandla ezitha zakho. Kodwa uma ubabonile kukhona izinto ezithathiwe lokho kukhomba ukuthi untekenteke, abantu bayazenzela kuwe, kusuke kufanele usebenzise izinto zokuzivikela uqinise nekhaya.

Ukuphupha umuntu ekuntshontshela imoto yakho, lolo lungaba wuphawu olubi. Kungasho ukuthi ungase ubhekane nokulahlekelwa, noma kuzophazamiseka izinhlelo zakho noma khona ozama ukuntshontsha inhlanhla yakho.

Ukuphupha umuntu entshontsha imoto yakho futhi kungasho ukuthi kunenhlekelele ezayo noma kungasho ukuthi uwumuntu onokwesaba ukulahlekelwa into eyigugu kuwe ngenxa yomunye umuntu.

Ukuphupha untshontshelwa imoto kungasho futhi ukuthi kunomuntu ononya ozokwenza into ekwehlisa isithunzi noma ongase akuthathele umlingani wakho, noma isikhundla emkhakheni okuwona.

Ukuphupha ubanjwa inkunzi uphawu olubi, lungasho ukuthi uzobhekana nezinkinga zezimali noma uzolahlekelwa umuntu obalulekile empilweni yakho.

Ukuphupha ubanjwa inkunzi kungasho ukuthi kukhona abazama ukuthatha inhlanhla yakho ngokukuthakatha. Kanti futhi ukuphupha ubanjwa inkunzi kungasho ukuthi uzobhekana nesimo sokuntula amandla okufeza izidingo zakho ngenxa yabantu abalungile abazokwenzela phansi.

Ukuphupha ubanjwa inkunzi ukhonjwe ngesibhamu uphucwa imali, izimpahla zokugqoka noma umakhalekhukhwini khona kungasho ukuthi uzolahlekelwa yinto eyigugu kuwe, okungaba umsebenzi noma umlingani wakho ozothathwa ngomunye umuntu.

Ukuphupha wena ubamba inkunzi ibhange uyisigebengu kungasho ukuthi uwumuntu onomona osebenzisa amasu anobugovu ukuze ufeze izinhloso zakho.

16 thoughts on “Amaphupho mayelana nobugebengu”

  1. Sawubon
    Kuchazani ukuphupa kungene izigebengu kubo kamngani wami bantshontsha ifoni NE TV

    Reply
  2. Sawubona.. ngicela ungichazele.. ngiphuphe ekhaya kingena izigebengu kodwa azenzanga lutho ngoba ngibazwile bevula umnyango ngase ngiyavuka ngimemeza abantu endlini ukuthi sibanqande.. bese khona lapho ephuphweni ubhuti wami omdala ethi..lendlu idinga ukujikiswa.. and indlu yakhona asisahlali kuyo iqhashisiwe..

    Reply
  3. Sawubona admin sekunezinsuku ezimbili ngibandakanyeka nezigebengu okokuqala bengihleli nge ne segebengu sizidlela kukuhle okwesibili beseba sabanjwa

    Reply
  4. Sanbonan ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ubanjwa inkunzi kepha bafike ungenalutho bese bethi bazokubonisa abantwana bakini abasebenzayo bese uthi abekho bakutshele ngobhuti wakho ongamazi futhi ongakaze uzwe ngaye

    Reply
  5. sawubona admini ngicela ukubuza ukuthy Ukuphupha untshontshelwa isikhwama sesikole ngisesikoleni ngabe kuchaza ukthini lokho ngibonge usazophendula

    Reply
  6. Hi admin ndisacela ubuza mna ndiphuphe ndizohlaselwa ngaba fana ababini kodwa bafike nditixile emnyango abade bangena ndenza ingathi ndiya fowna babaleka

    Reply
  7. Sawbona admin, mina ngiphuphe sbanjwa inkunzi Kodwa-ke abathathanga lutho ngba vele sabaleka and Ifon yam ebengiyphethe ngiyphathise Omunye walabantu ebesihamba nabo wabaleka sahlukana ngokwama province… I ngabe leliphupho lichazani?

    Reply

Leave a Reply