isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Amaphupho mayelana nobugebengu

Ukuphupha ugqekezelwa endlini kodwa ufice kungathathwe lutho kungasho ukuthi amandla onawo angaphezu kwamandla ezitha zakho. Kodwa uma ubabonile kukhona izinto ezithathiwe lokho kukhomba ukuthi untekenteke, abantu bayazenzela kuwe, kusuke kufanele usebenzise izinto zokuzivikela uqinise nekhaya.

Ukuphupha umuntu ekuntshontshela imoto yakho, lolo wuphawu olubi. Kungasho ukuthi ungase ubhekane nokulahlekelwa, noma kuzophazamiseka izinhlelo zakho noma khona ozama ukuntshontsha inhlanhla yakho.

Ukuphupha umuntu entshontsha imoto yakho futhi kungasho ukuthi kunenhlekelele ezayo noma kungasho ukuthi uwumuntu onokwesaba ukulahlekelwa into eyigugu kuwe ngenxa yomunye umuntu.

Ukuphupha untshontshelwa imoto kungasho futhi ukuthi kunomuntu ononya ozokwenza into ekwehlisa isithunzi noma ongase akuthathele umlingani wakho, noma isikhundla emkhakheni okuwona.

Ukuphupha ubanjwa inkunzi uphawu olubi, lungasho ukuthi uzobhekana nezinkinga zezimali noma uzolahlekelwa umuntu obalulekile empilweni yakho.

Ukuphupha ubanjwa inkunzi kungasho ukuthi kukhona abazama ukuthatha inhlanhla yakho ngokukuthakatha.

Kanti futhi ukuphupha ubanjwa inkunzi kungasho ukuthi uzobhekana nesimo sokuntula amandla okufeza izidingo zakho ngenxa yabantu abalungile abazokwenzela phansi.

Ukuphupha ubanjwa inkunzi ukhonjwe ngesibhamu uphucwa imali, izimpahla zokugqoka noma umakhalekhukhwini khona kungasho ukuthi uzolahlekelwa yinto eyigugu kuwe, okungaba umsebenzi noma umlingani wakho ozothathwa ngomunye umuntu.

Ukuphupha wena ubamba inkunzi ibhange uyisigebengu kungasho ukuthi uwumuntu onomona osebenzisa amasu anobugovu ukuze ufeze izinhloso zakho.

2 thoughts on “Amaphupho mayelana nobugebengu”

Leave a Reply