Amaphupho ngokugwazwa/ukugwaza

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha ugwazwa ngomese noma ngomkhonto kungasho ukuthi kukhona abantu abakugadla ngemithi. lemithi okungaholela ekutheni ugcine uphathwa zibhobo. Kwesinye isikhathi leliphupho lisuke liyisexwayiso sokuthi qhela ezixukwini ungase ugwazwe.

Ukuphupha ugwaza umuntu kungasho ukuthi mele wehlise ulaka nokufuna ukuphindisela uma abantu bekonile. Kwesinye isikhathi kungasho umonakalo ozowudala komunye umuntu engalutholi usizo.

Ukuphupha ugwaza umuntu omaziyo kungasho ukuthi ukuphathe kabi emoyeni futhi unokufuna ukuziphindiselela.

Ukuphupha ugwazwa kungasho ukuthi ubhekene nosizi futhi abantu bakujikele lokho kukuzwisa ubuhlungu.
Kwesinye isikhathi ukuphupha ugwazwa kungasho ukuthi kukhona abakwakhela uzungu lokukwenzakalisa qaphela ukuthi isikhathi usichitha kuphi.

Ukuphupha ugwazwa kungasho umbango wemali okhona ongenza abantu bakujikele futhi ukudalele nezitha.

Ukuphupha ugwazwa kungasho ukuthi kumele ukhuleke ngoba uzokhashelwa ngabantu ngenxa yenkolo yakho.

Ukuphupha ugwazwa ngumuntu omaziyo kungasho ukuthi abantu osondelene nabo bakwakhele uzungu. Kwesinye isikhathi kungasho ukuthi umuntu osondelene naye ukufisela okubi kodwa uyazenzisa phambi kwakho.

13 thoughts on “Amaphupho ngokugwazwa/ukugwaza”

  1. Ukuphupha umuntu wesilisa egwaza umngabi wakhe washona kukhona igazi eliningi lapho, ngazifihla nhenza ngathi angibonanga lutho ukuze nami engangibulali

    Reply
  2. Ngicela ukubuza ukuthi kusho ukuthini uma ngabe uphupha umuntu othandana naye bemgwaza.

    Reply
  3. Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ugencwa umlenze neminywe kusale usithupha. Kwihlangothi elilodwa.

    Reply
  4. Woke amaphupho ami achazwa layikhaya bengingazi ukuthi kunendawo enje ku goggle ngiyabonga ngisazoke ngibaxoxele esontweni ngalekundla yenu ayi ishayakhona ayingeji ngiyabonga kakhulu

    Reply

Leave a Reply