Amaphupho ngokugwazwa/ukugwaza

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha ugwazwa ngomese noma ngomkhonto kungasho ukuthi kukhona abantu abakugadla ngemithi. lemithi okungaholela ekutheni ugcine uphathwa zibhobo. Kwesinye isikhathi leliphupho lisuke liyisexwayiso sokuthi qhela ezixukwini ungase ugwazwe.

Ukuphupha ugwaza umuntu kungasho ukuthi mele wehlise ulaka nokufuna ukuphindisela uma abantu bekonile. Kwesinye isikhathi kungasho umonakalo ozowudala komunye umuntu engalutholi usizo.

Ukuphupha ugwaza umuntu omaziyo kungasho ukuthi ukuphathe kabi emoyeni futhi unokufuna ukuziphindiselela.

Ukuphupha ugwazwa kungasho ukuthi ubhekene nosizi futhi abantu bakujikele lokho kukuzwisa ubuhlungu.
Kwesinye isikhathi ukuphupha ugwazwa kungasho ukuthi kukhona abakwakhela uzungu lokukwenzakalisa qaphela ukuthi isikhathi usichitha kuphi.

Ukuphupha ugwazwa kungasho umbango wemali okhona ongenza abantu bakujikele futhi ukudalele nezitha.

Ukuphupha ugwazwa kungasho ukuthi kumele ukhuleke ngoba uzokhashelwa ngabantu ngenxa yenkolo yakho.

Ukuphupha ugwazwa ngumuntu omaziyo kungasho ukuthi abantu osondelene nabo bakwakhele uzungu. Kwesinye isikhathi kungasho ukuthi umuntu osondelene naye ukufisela okubi kodwa uyazenzisa phambi kwakho.

Leave a Reply