isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Amaphupho ngokwehlulwa

Uma uphupha ukuthi uhluliwe emncintiswaneni kusho ukuthi kuzoba nezinto ezinhle ezizayo kuwe – ikakhulukazi imali. Akuyona indlela oyilindele kodwa ngakho ke qinisekisa ukuthi uyilungiselele noma yikuphi lapho ezoqhamuka khona.

Amaphupho ngokubhukuda

Uma uphupha ukuthi uyabhukuda kuwuphawu oluhle uma ikhanda lakho lingaphezulu kwamanzi – ikakhulukazi emsebenzini nasebudlelwaneni bakho nabanye. Uma amanzi ehlanzekile ecwebile kuhle kakhulu. Uma ubhukuda phansi kwamanzi kusho ukuthi kunezinkinga ezizayo kuwe ikakhulukazi uma amanzi efiphele. Amaphupho ngolwandle.