Amaphupho ngokushanela

Uma uphupha ukuthi uyashanela kuwuphawu oluhle ngekusasa lakho. Okuhle kuyeza ngisho unezinkinga okwamanje. Uma uphupha nje ngomshanelo kusho ukuthi udinga ukuqaphela abantu abafuna ukukukhohlisa.Ukuphupha ushanela igceke kungasho ukuthi lindela izinto ezinhle ezizayo empilweni noma emndenini. Uma uphupha ushanela kungasho ukuthi kumele uzihlanze kungenzeka unezichitho noma ugadlwa ngemithi emibi, noma kunabantu abangalungile okumele uhlukane nabo. Kwesinye isikhathi … Read more

Amaphupho ngokuhlakula

Uma uphupha ukuthi uyahlakula engadini yakho kungasho izinto ezinhle kuwe. Kungasho ukuthi uzoba nenhlanhla nenjabulo futhi uzophila impilo ende. Ukuphupha uhlakula insimu kungachaza ukuthi lindela ukungena kwezothando, noma kungasho ukuthi lomuntu onaye uzokuthanda ngendlela ofuna ngayo. Uma uphupha uhlakula insimu ujabula kungachaza ukuphuma ngaphansi kobubha nenhlupheko ngenxa yokuzikhandla. Ukuphupha uhlakula kungasho impumelelo ezayo ezofika kodwa … Read more