Amaphupho ngokubukeka kwezwe, izitshalo nezihlahla

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Asho ukuthini amaphupho amayelana nokubukeka kwezwe, izitshalo kanye nezihlahla? Lokhu kuhlanganisa amajikijolo, insangu, amakhowe, imbabazane, umhlanga, imigede, izingwadule, amagquma, ukuzamazama komhlaba, amachibi, imifula kanye nezintaba.

Amaphupho ngesigodi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Isigodi yindawo eyakheleke phansi maphakathi nezindawo eziphakeme, bese iba yinhle ngokuhloba kwemvelo. Uma uphuphe uhamba kuyona leyo ndawo, lokho kusho okubi. Lolu hlobo lwephupho lubika ukugula, okungaba ngokuqondene nawe noma kuqondene nomunye wabantu abasondelene nawe kakhulu.

Amaphupho ngomgodi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha umgodi kunezincazelo ezihlukahlukene kambalwa. Izincazelo ziba sekutheni ngubani owuphuphile ngokobulili futhi uwuphuphe unjani noma kwenzakalani kulow mgodi. Owesilisa osemncane: Uma ephuphe umgodi ewubona ugcwele amanzi acwebile lokho kuhle, kusuke kusho ukuthi uyosheshe aganwe bese ethola abantwana abazomhlonipha kakhulu. Owesilisa osekhulile futhi oganiwe: Uma ephuphe umgodi ugcwele amanzi ephuphuma lokho kubi ngokwencazelo yakho, kusuke kusho … Read more

Amaphupho ngembewu yokutshala

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphuphe unikezwa imbewu yokutshala lelo iphupho lingelihle kakhulu, lichaza ukuthi kulokho okwenzayo ngokuzama impumelelo, kukhona umphumela wakhona ozoba muhle kakhulu kepha usazoqala udlule ebunzimeni obukhulu, ngakho kufanele ubekezele. Ukufinyelela kwakho lapho ofisa khona kusuke kuzoza ngosizo lomuntu osondelene nawe, ukusondelana kwenu kube kuhlanginiswe yilokho osuke ukwenza. Amaphupho ngokugaya izimbewu.

Amaphupho ngokutheza

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha utheza umyaba wezinkuni kusho isifo, kusuke kuzodlula emhlabeni umuntu omaziyo, ngokujwayelekile kuba wumuntu ongumakhelwane. Akusikho kodwa ukuphupha ngokutheza okusho isifo, maningi amanye amaphupho okufa angabikezela lapho kungase kudlule khona othile emhlabeni. Amaphupho ngehlathi.

Izizathu eziningi zokuthi uphuphe ngaManzi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha ngamanzi kumele okubi noma ukungaqiniseki okuzwayo. Isimo esingalindelekile. Amanzi angakhombisa futhi imizwa emibi njengokwesaba noma izinhloso ezimbi. Imicabango emibi enganakekile nemizwa emibi. Izimo ezinzima eziletha ukungaqiniseki, okungajwayelekile, izithiyo, noma izinguquko ezingathandeki. Okuhle ukuthi amanzi angamela ukuqala kabusha noma ukuba musha njengokugeza, ukuphuza amanzi, noma amanzi asebhodleleni. Ukuphupha ngamanzi acwebile kumela ukuthula engqondweni. Ubhekane nenkinga … Read more

Amaphupho ngesiwa

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha usonqenqemeni lwesiwa kusho ukuthi kukhona okusemqoka okuzokwenzeka ebudlelelwaneni bakho maduze. Uma ushadile kusho ukuthi kungenzeka ube nomntwana. Uma kodwa ulenga kwisiwa kukhona okubambile kusho ukuthi othile uzama ukukuqalekisa futhi kufanele uthole usizo kumelaphi.

Amaphupho ngolwandle

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ubona ulwandle kuyinhlanhla uma amagagasi ezolile kanti ishwa uma egubha ngokhahlo. Uma amagagasi emakhulu futhi ekushaya ekuwisa kusho ukuthi kofanele usebenze kanzima ukuze uphumelele. Uma uhamba phezu kwamanzi kusho ukuthi uyoba nempumelelo kokwenzayo ikakhulukazi uma ushada. Izizathu eziningi zokuthi uphuphe ngamanzi. Amaphupho ngokubhukuda.