Ukuphupha isikhishikizane

Amaphupho ngomoya ohamba endaweni eyodwa (isikhishikizane) ayinto engekho yinhle neze. Uma uphuphe isikhishikizane sikusibekela lokho kuchaza ukuza kwesikhathi esinzima esizohambisana nokukhathazeka okukhulu, okuzoba ukonakala kwalokho osuke uzama ukukufeza. Kanti uma uphuphe usibona nje kuphela lokho kuyibika lokuma ndawonye kokwenzayo, ukungabi nenqubekela phambili, okungaba ukuphinda isigaba uma ungumfundi, ukungakhuphuki ngokwesikhundla obusifisa uma usemsebenzini, ukungathuthuki emsebenzini webhizinisi … Read more

Amaphupho ngesangqumba

Amaphupho ngesangqumba achaza izinto ezahlukahlukene kubantu abahlukahlukene, kodwa wonke achaza isiphetho esibi. Kumuntu ongumlimi iphupho ngesangqumba libikezela unyaka omubi ozoba nendlala ngokusweleka kwezimvula ngenxa yesomisa esingase sibe khona. Kumuntu oseyinsizwa noma intombi, ukuphupha ngesangqumba kuchaza ukungahambi kahle kwezinto kwezothando. Kumuntu osebenzayo, ukuphupha  ngesangqumba kusho ukulahlekelwa okukhulu. Kwabanye abantu ukuphupha ngesangqumba kungaphinde kubikezele ukuthi abangani bakho … Read more

Amaphupho ngamafu

Uma uphupha ubona amafu, incazelo iya ngokuthi awumbala onjani lawomafu kanye nanokuthi kwenzakalani ngalawomafu. Amafu amnyama nanesiphepho asho ukungqubuzana okuza kuwena muntu ophuphayo. Amafu amhlophe asho ukuthi uzoba nenjabulo nempumelelo kumbe ukuvela kwemfihlakalo eveza ngokucacile nokukhanya bha ukuma kwezinto empilweni yakho. Amafu amnyama sengathi lizokuna wona asho ukungalungi kwezinto. Amafu amnyama kodwa angamile ndawonye, adlulayo, … Read more

Amaphupho ngomoya

Uma uphupha kunomoya incazelo iya ngokuthi umoya unamandla kangakanani. Umoyana usho ukuthi izinto ezinhle zizokwenzeka kuwe, futhi bonke bazokuthanda bakuhloniphe, ngisho nezitha zakho. Uma umoya unamandla kusho ishwa nosizi. Uma kuyisivunguvungu kusho obukhulu ubunzima kanye neshwa ekusaseni lakho. Ukuphupha umoya opholile uheleza kungasho ukuthi lindela isikhathi esihle sokuthula noxolo nokuthola umvuzo omuhle empilweni, kwesinye isikhathi … Read more

Amaphupho ngenyanga

Uma uphupha ubona inyanga kusho ukuthi uzophumelela ngesikhathi ungalindele, ikakhulukazi kwezothando. Uma inyanga iba mnyama kodwa uyohlupheka futhi ube mpofu. Inyanga egcwele isho ukuthi uyoshada masinya uma usemncane futhi ube nabantwana abahle uma umdadlana. Kuyishwa elibi ukubona izinyanga ezingaphezu kweyodwa esibhakabhakeni.

Amaphupho ngesivunguvungu

Uma uphupha ukuthi kunesivunguvungu kuwuphawu lweshwa kuwe futhi kufanele uqaphele okwesikhashana. Uma kunokuduma nombani okuningi kusho ukuthi kuzoba noshintsho empilweni yakho – ungaphumelela emsebenzini kodwa futhi ungabhekana nemiphumela engalindelekile ezenzweni zakho. Ikakhulukazi kuyinhlanhla ukuphupha ngokuthi ushaywe umbani. Amaphupho ngomoya. Amaphupho ngemvula.

Amaphupho ngemvula

Uma uphupha lina incazelo iya ngokuthi inamandla kangakanani futhi sekuyisikhathi esingakanani lina. Ukuphupha imvula ejwayelekile: Kusho ukuthi uzothola okuthile ngokushesha – kungaba isipho. Ukuphupha imvula enesivunguvungu: Uma kuyisivunguvungu kunezikhathi ezinzima eziza kuwe. Kuyoba nenkohliso kanye nokungajabuli empilweni yakho kodwa uma wenza ngokuhlakanipha uyophumelela ekugcineni. Ukuphupha imvula isimile, enelanga: Uma uphupha ukuthi imvula isimile futhi nelanga … Read more