Amaphupho ngomoya ohamba endaweni eyodwa (isikhishikizane) ayinto engekho yinhle neze. Uma uphuphe isikhishikizane sikusibekela lokho kuchaza ukuza kwesikhathi esinzima esizohambisana nokukhathazeka okukhulu, okuzoba ukonakala kwalokho osuke uzama ukukufeza. Kanti uma uphuphe usibona nje kuphela lokho kuyibika lokuma ndawonye kokwenzayo, ukungabi nenqubekela phambili, okungaba ukuphinda isigaba uma ungumfundi, ukungakhuphuki ngokwesikhundla obusifisa uma usemsebenzini, ukungathuthuki emsebenzini webhizinisi uma kukhona onalo, ukuqhubeka kokuhamba kwesikhathi ungawutholi umsebenzi uma ungumuntu obewudinga kakhulu njalo njalo.
Ukhuphupha usesibayeni sakhakhomama uhlantshwa inkomo yakini engabe kushoni