isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Izinyanga nezinsuku ngesiZulu

Ukufika kwemfundiso yabamhlophe esizweni sikaPhunga kusenze saguqula izindlela esiphila ngazo. Noma kukhona okuhle okufike nabo abamhlophe kodwa phela akukho soka elingenasici. Ukufika kwabamhlophe kukhona umonakala okuwudalile, phakathi kwakho singabala ukulahlekelwa isintu sethu bese siphenduka sibuke okwabo, bese kugcina kuthinta ngisho indlela esiziphatha ngayo kanye nalokho esikukhulumayo. Iqiniso elimsulwa nje yikho ukuthi izinkuni ezazibaselwe ekutheni zisigqugqumezele … Read more

Amaphupho ngenyanga

Uma uphupha ubona inyanga kusho ukuthi uzophumelela ngesikhathi ungalindele, ikakhulukazi kwezothando. Uma inyanga iba mnyama kodwa uyohlupheka futhi ube mpofu. Inyanga egcwele isho ukuthi uyoshada masinya uma usemncane futhi ube nabantwana abahle uma umdadlana. Kuyishwa elibi ukubona izinyanga ezingaphezu kweyodwa esibhakabhakeni.