isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Izinyanga nezinsuku ngesiZulu

Ukufika kwemfundiso yabamhlophe esizweni sikaPhunga kusenze saguqula izindlela esiphila ngazo. Noma kukhona okuhle okufike nabo abamhlophe kodwa phela akukho soka elingenasici. Ukufika kwabamhlophe kukhona umonakala okuwudalile, phakathi kwakho singabala ukulahlekelwa isintu sethu bese siphenduka sibuke okwabo, bese kugcina kuthinta ngisho indlela esiziphatha ngayo kanye nalokho esikukhulumayo. Iqiniso elimsulwa nje yikho ukuthi izinkuni ezazibaselwe ekutheni zisigqugqumezele … Read more

Amaphupho ngesonto

Uma uphupha ukuthi usesontweni ngemvamisa kuwuphawu oluhle kuwe futhi uzothuthuka. Uma uzila ephusheni lakho kusho ukuthi wena noma umuntu omthandayo uzoshada maduzane ikakhulukazi uma uzwa insimbi yasesontweni ngaphezu kwalokho. Kodwa uma isonto livaliwe uma usufika khona kusho ibhadi. Uma ubona umbiko womshado esontweni kusho ukuthi labo bantu bazodivosa.