Amaphupho ngesangqumba

Amaphupho ngesangqumba achaza izinto ezahlukahlukene kubantu abahlukahlukene, kodwa wonke achaza isiphetho esibi.

  • Kumuntu ongumlimi iphupho ngesangqumba libikezela unyaka omubi ozoba nendlala ngokusweleka kwezimvula ngenxa yesomisa esingase sibe khona.
  • Kumuntu oseyinsizwa noma intombi, ukuphupha ngesangqumba kuchaza ukungahambi kahle kwezinto kwezothando.
  • Kumuntu osebenzayo, ukuphupha  ngesangqumba kusho ukulahlekelwa okukhulu.
  • Kwabanye abantu ukuphupha ngesangqumba kungaphinde kubikezele ukuthi abangani bakho basuke bezokhuluma into ezokwenza uphoxeke kakhulu

Ukuphupha isangqumba kuyinkinga ngokuthi kungakunikeza izincazelo ezahlukahlukene kuwena uwedwa, lokho okungakwenza ungabe usazi ukuthi yikuphi okumele ukulindele, okubikezelwa yiphuph lakho ngesangqumba.

Leave a Reply