Amaphupho ngokudakwa

Ukuphupha udakiwe:

  • Kungasho ukuthi ubhekene nezinkinga noma nezinkathazo ezingaphezu kwamandla akho futhi uyehluleka ukuzilawula nokuzixazulala.
  • Wuphawu olungasho ukuthi kumele uyeke ukuba budedengu nokuvumela abantu ababi ukuthi bakulawule baphinde bakudukise empilweni.
  • Kungasho ukuthi uzohlupheka uphinde uthwale kanzima ngenxa yokuthatha izinqumo ezingalungile kepha ezibukeka zizinhle ebusweni bakho.
  • Wuphawu olungasho ukuthi kumele ubuyekeze izinqumo zesikhathi esidlule ngoba zizokwenza ungabi nozinzo futhi ungakwazi ukuzimela, okuzokwenza ukuthi kube nzima ukuthi uphumelele.
  • Kungasho ukuthi uma ungaqapheli uzokwenza izinto ezingenanzuzo, ezizokumoshela ikusasa uphinde ubanjwe nangubumnandi besono, ugcine usungumlutha waso isono.
  • Kungasho ukuthi uzokwenza iphutha elikhulu, elingamukeleki futhi uzohlazeka phambi kwabantu.
  • Wuphawu olungasho ukuthi uyisiwula futhi uyehluleka ukuhluza umqondo.
  • Kungabuye kusho ukuthi ukhungethwe usizi nezinhlupheko kodwa abanye abantu abakuqondi lokho.

Leave a Reply