Amaphupho ngenja

Uma uphupha ubona inja kuwuphawu oluhle uma iziphethe kahle futhi ikulalela ikakhulukazi uma kuwumdlwane. Uma inja ingaziphethe kahle ilwa noma iphula izinto kusho ukuthi uzoba nenkinga empilweni yakho kungekudala, ikakhulukazi leyonkinga ivela kubantu abangathembekile. Uma inja ikuluma, kusho ukuthi kukhona umuntu okuzingelayo okungenzeka ukuthi ukukhunkula ngisho nangomoya omubi. Uma uphupha inja ikhonkotha noma iklewula lokho kungenzeka ukuthi kubikezela izikhathi zezinkinga emndenini wakho. Uma uphupha umakoti omusha osandakufika emzini izinja zinobungane kuye esikhundleni sokuzama ukumluma, lokho kusho ukuthi wamukelwe kahle ngamadlozi. Kanti ke futhi ukuphupha izinja kungabikezela ukugadlwa noma ukulalelwa unyendle yizitha zakho.

Lapho uphupha ulunywa inja noma izinja, ngenxa yokuthi izinja yizilwane zasekhaya uma zivela emaphusheni lokho kusuke kuletha umyalezo othinta umndeni. Uma uphupha inja noma izinja zikuluma, ukuthi zingaki lezozinja kubalulekile ekuchazeni iphupho. Uma uphupha inja ekulumayo iyodwa lokho kusuke kusho ukuthi kukhona umoya omubi okhona phakathi kwamalunga omndeni. Lowomoya omubi kungaba ukungaboni ngaso linye entweni ethile noma kube ingxabano engase ivele kungekudala ezokhanda inzondo phakathi kwakho wena ophuphile kanye nelinye ilunga lomndeni. Uma uphupha izinja ezikulumayo zingaphezu kweyodwa ngenani, lapho kusuke kukhona umyalezo idlozi lasekhaya elihlose ukuwethula kuwena, ngakho-ke kubalulekile ukuthi ukubheke konke okwenzeka kulelo nalelo phupho ukuze uzowuqonda kahle umyalezo walo uma usulihlaziya. Lezizincazelo zokuphupha ulunywa inja noma izinja zifakazelwa wukuthi ngokuvamile uma uwaphupha lamaphupho okulunywa yizinja, avamiswe ukuphushwa eveza usekhaya noma useduze nakhona ekhaya.

157 thoughts on “Amaphupho ngenja”

  1. Sawubona ngiphuphe kunomfwethu esizalwa naye ngakwiside lababa emeh ngemoto ngasegarage lah petrol ngiqhamuka mina ngenyawo mangith qalaz emva kwam kuza izinja 4/5 lezi enkul idlule eyodwa lezi embil elandelayo zingilume ngilwisan nazo gcine zibaleka lapho umfwethu umile yangibuka

    Reply
  2. Ngbingelele ngphuphe inja emnyama igone kmina emathangeni itoileta mangisusa igoloza bengisegceken ekhaya ngize ngaphaphama ngabe kusho ukthin lokhu?

    Reply
  3. thokoza ngiphuphe ngilunywa inja esandleni nasesinqeni iphindelela bekhona abantu kodwa akekho obengikhuzela yona

    Reply
  4. Thokoza gogo. Ngiphuphe ngihlezi ematsheni ngakagogo kwase kuvela umuntu wesilisa ophinde Abe yimpisi ejahwa Abantu ababili. Lomuntu ophinde Abe yimpisi wopha igazi umzimba wonke kepha inxeba lisesfubeni, ekubalekeni kwakhe laba abamjahayo Bathi ngimbambe angadluli,ngase ngithatha ibhodle lá ebelise düze Nami ngazama ukumshaya ngalo kepha ngehluleka, ngaphinde ngacosha ilitshe ngazama ukumshaya ngalo ngehluleka futhi, lelo litshe engiliphonse kuye ngithi ngimshaya ngalo lacoshwa ngomunye walabo abamjahayo, wamshaya ekhenda Wase ewela eduze kwami wangibiza wathi, “vuyo, vuyo ngiyakubiza” kwangathi Nami ngijika ngiba yilento ayiyo(umuntu ophinde Abe yimpisi) bengicela incazela yokuba ingabe lisho ukuthini

    Reply
  5. Ngibingele mkhuluo mina ngizobone ziza ziningi nje ngithi ngyongena ekhaya kagogo not langihlala Khona zamake zankonkotha kungathi ziyanginenga ngazi brusher amakhanda okuze kwagcina ukuthi ngiwe ngoba beziza ziningi manje angazi noma bezingijabulela noma beziletha umyalezo othize ngoba azizange zingilume futhi bekukhona ebengimjaha ubaba so ngahlangabezana nazo

    Reply
  6. Ngiphupha ngisekhaya Kuna bantu abaphuzile sebedakiwe sibakhiphele ngaphandle, mabaqeda ukuhamba ngiye endlini ngivule umnyango ngithole inja esencane wonke umuntu endlini uyijabulele baze bayayiteketisa

    Reply
  7. Ngicela ukbuza ukusho ukuthini ukphupha ubalekela izigebengu uvele uwele endaweni ethuli enhle egcwele imifino kuluhlaza lapho kukhon namanzi

    Reply
  8. Kusho ukuthini ukuphupha izinja ezifile eziningi uthi uyadlula emva kwendlu uzifice izinja zifile

    Reply
  9. Mina ngiphuphe inja iluma enye, yayiphula umlenze wangemuva. Kade ngiqale ngabona itmpisi zijahana zodwa.

    Reply
  10. Ngisacela incazelo: Ngiphuphe impisi emhlophe qwa, enhle iza kimi. Yafike yama eceleni kwami kwase kuvela izinja eziningi engathi zifuna ukuluma lempisi kodwa azifinyelelanga kuyo ngoba bengilokhu ngiziphunga ngivikela lempisi

    Reply
  11. ngiphuphe inja ifaka umunwe wami emlomeni zange ingilume..yakhuluma nami yagcine isithandana nami ngasikhathi iphenduka intombi enhle..tokozani bogogo ngicela incazelo

    Reply
  12. Mna ndiphuphe ndikhonkothwa yinja yasekhaya and indlela ekhonkotha ngakhon ibonisa uba ayikho happy kwaye ingandiluma. Ndimile ndiyijongile inoba ikhonkothiswa yintoni, ndithe xa ndisondela kuba yinja yasekhaya ndiyiqhelile yasuka yandiluma phezu kwesihlala

    Reply
  13. Ngiphuphe ngihamba ngahlangana nomuntu wesilisa ehamba nenja yeza kimi kwangathi inolaka yangikhonkotha weza kimi wathi ay ingibukile nje ngeke ingilume. Kuthe kusenjalo ngadlula omunye umuzi kwaphuma enye yangikhonkotha yangiluma onyaweni

    Reply
  14. Thokoza. Ngiphuphe izinja engingazazi ziphakwathi kwemoto yami, ngaphandle komuzi ekhaya. Uma ngizama ukuthi ngizicoshe, zivele seziba ziningi, zingulume.

    Reply
  15. Ngiphuphe engathi kisemsebenzini sinomunye uzakwethu wesifazane esisebenza naye kwaqhamuka izinja ezimbilib enye imnyama sabaleka ngoba sithi siyazesaba ngiphaphame sifuna indawo yokugibela seziseduze kwethu zibona ukuthi siyazesaba…….

    Reply
  16. Ngiphuphe izinja eziningi zihlasela kodwa azitholanga muntu ngoba besicashile ngize naphaphama zingalimazanga muntu

    Reply
  17. Mina ngiphuphe izinja eziningi kodwa zingagqamile kahle kwase kuvela enye emnyama nobumpunga ingikhonkotha kodwa yehlisa ikukhonkotha kwaba sengiphaphama.

    Reply
  18. Ngyabingelela… Nami ngiphuphe ngihambha nenja eno-mbala o Brown, kodwa bekungathi khona engilwa naye, ngyomlumisa ngale nja engihambha nayo… Ngingayi thokozela incazelo.. Ngyabonga…

    Reply
  19. Nam ngikhathezekile iphupho lam izinja ezimbini zingiluma ngakhuzelwa umawengane. Ngiphaphame uvalo lugcwele isifuba

    Reply
  20. Ngiphuphe ngisekhaya nomuntu engizwana naye kunezinja ezahlukene zilokhu ziza kimi zifuna ngath zizongiluma mangilokhu ngisusa ibuye ize futh kubuye kuvele enye nayo ngath ifuna ukungiluma ngiysuse nomuntu engizwana naye bezingamenzi lutho futh naye ebevele abuke engazilamuli ngabe kuchazan

    Reply
    • Hii, sorry for the late reply, kuchazee ukuthii lomuntu ongazwanii naye omubonile khona intonakuplanela yona

      Reply
  21. Ndiphuphe ingathi ndihamba endleleni enabantu abangasekho ingathi batyekezwe lulwandle baninzi ndajika ndibaleka xa ndifika egarage sathandaza ingathi sibayi3 xa sigqiba ukuthandaza ndigoduka ndangena komnye umzi ndakhonkothwa yinja indibambe emlenzeni ayide indilume kodwa ingathi ndiyakhwaza mandinqandwele ndothuka

    Reply
  22. ngiphuphe inja inginuka…bengiphethe ukudla ifuna ukudla obekuse sandleni yakudla yangluma ngaphuma igaz emnweni

    Reply
  23. Ngiphuphe ubaba wezingane zam esahlukana naye ephethe ingane encane imuncela amabele engath awenja kodwa kwashintsha engath awakhe , wayigona ingane wath owami nalo , kuchazani?

    Reply
  24. Uma uphupha inja yakho emnyama kodwa isinomnikazi omunye ifaswe ngentambo emlomeni kuqhazani?

    Reply
  25. Ngicela usizo ngaleliphupho: Ngiphuphe ngilunywa inja kodwa ngagcina ngokuybulala kuchaza ukuthini

    Reply
  26. Mina ngiphuphe izinja zongikhokotha ngabaleka ngsgibele eshlahleni lesihlala besikayekile amagatsha manj angaz kuchazan

    Reply
  27. ngiphuphe ngilunywa nyimidlwane emibili eminyane onyaweni lwesokudla ngezwa kubuhlungu kakhulu kodwa bengizitshela ukuthi hay yimidlwane le ngeke ingilume kakhulu kodwa yangiluma kwazwakala ngaze ngaphaphama

    Reply
  28. ngicela incazelo ngiphuphe ngilunywa ngubabhemi (donkey) yathi iyangiphinda ngabaleka ngayacatsha kwenye indlu lapho engifike khona ngagibela amastairs. ngaphinda ngehla ngisithi ngiyedinga uncedo kudoctor mhlawumbe ubabhemi lo ubelamarabbies. Ngabona laba abayelapha okwesintu yibo abangelaphileyo.

    Reply
  29. Thokoza gogo .. Ngicela usizo ngaleli iphupho.. Ngiphuphe ngibona injuzi zifuna ukukuthatha then ngabaleka ma ngibheka la engibalekela khona ngabona sezinengi . Ngathatha imali R2 on my handbag ngayibeka phezu kwetshe ngakhuluma nazo ngith am not ready yet ukth bangithathe ngisafuna ukulungisa ezinye izinto. Ngithe ma ngiqeda imali kunye lenjuzi kwanyamalala lam ngaphaphama … Ngingajabulela ingcazelo

    Reply

Leave a Reply