Ukuthutha umuzi

Imizi yobaba mikhulu nje yingoba uma umkhaya usumkhulu kuyaye kube khona abaphuma imizi yabo. Njengoba sazi ukuthi empilweni zikhona izivunguvungu, akusikhona kodwa ukuthi abanye baphuma emizini emikhulu ngokuthanda kwabo njengoba kwenzeka kwabanye, kodwa kubuye kube nezimo eziphoqayo ezinye ezithinta ukufa nokuphila ezenza abantu bagcine sebeshintsha amanxiwa.

Ukuthutha  akusiyo into entsha kumbe eqala futh igcine ngathi thina maZulu, nezinye izinhlanga nazo kukhona ezikwenzayo. Okuhlukile ngathi thina sizwe sikaZulu wukuthi kunendlela okwenziwa ngayo uma kukhona oseshenxa ekhaya ephuma ezozimela.

Ukuphuma umuzi

Uma uziphumela nje umuzi wakho ngesihle kungesikho ukuthi uhleli lubhojozi kini, ukuthutha kuqala ngokuthi uhambe uyobheka indawo lapho ofike ukhonge khona enkosini yakuleyo ndawo noma enduneni ebekwe ngabantu bakuleyondawo. Ngaphambi kokuba inkosi noma induna ivume ukukunika indawo yokwakha ibiza ibandla elinabantu ababonisana nayo, ibazekele indaba yokuthi kunomnumzane thizeni osuke esigodini thizeni ngaziphi izizathu oze ukuzokhonga athole indawo. Uma selivumile ibandla umuntu uyaye abe eseyanikwa leyondawo kodwa ke usuke esazokhokha imali yenkosi njengoba kusuke kuyindawo angayithenganga ngemali. Kuhlukana ngezigodi ke enanini lenkece okukhulunywa ngayo njengoba amanani engafani. Uma indawo enikezwayo kuyinsimu yomuntu noma yomndeni thizeni, abakulowo muzi bazisholo bona inani lenkokhelo ngomhlaba abasuke benikezela ngawo, kokunye kuyaba izimbuzi noma ke kube iyona inkece uqobo lwayo, kuthi ke uma sekuvunyelwene ngalokho, umnikazi wensimi okudayisele uyaye aye enduneni yakuleso sigodi eyobika lowo ofikayo ukuze aziwe wumphakathi wakuleyondawo. Lokhu kube sekulandelwa wukugaywa kotshwala kwenziwe ihlambo la okufika khona abantu bambise lowo ofikayo isiza baphinde basikale ngokusemthwetheni isiza noma igceke, okuyaye ke kusho khona ukuthi umuntu useyisakhamuzi sakuleyo ndawo abekwe kuyo.

Ukushawa kwepiki

Njengoba sesiyihlinzile sayaba ngezithebe indaba yokuthutha noma yokushintsha inxiwa, kuyaye kuthi uma umnumzane esebekiwe endaweni yakhe entsha, yavulwa futhi nangokusemthweni, kube sekuhlatshwa ipiki. Ukuhlaba ipiki leli noma ukuhlaba isoyi ke kusho ukuthi inkosana yalapho okusukwa khona iza izohlaba ipiki lokuvula lomuzi omusha ozokwakhiwa futhi kuyemukelwa ukuthi umfowabo usephumile ekhaya. Kuyisiko ke ukuthi emzini omusha ayishiswa nhlobo impepho uma lowomuzi ungakabikwa kwabadala ngokosiko lwakhona. Kumele kwenziwe umsebenzi omncane wabadala wokubathutha ukuba bahanjiswe emzini lowo omusha lapho osuwakhiwe khona. Uma ke kwenzeka kukhona isimo esiphoqayo ekhaya sokuthi kukhulunywe nabadala njengokuthi nje uma kukhona osuke ezothatha uhambo olude, okuyisiko kuba wukuthi kumele kubikwe emsamo ngaphambi kokuba ahambe lowo ngoba phela abaphansi baziswa ngokuningi okwenziwa ekhaya. Uma sekumelwe ahambe lo ohambayo, umuntu omdala wesilisa wasekhaya ukhuluma emsamo kodwa ke akayishisi impepho nhlobo kodwa kuba ukuthi uyababikela nje ukukthi kukhona ozothatha uhambo achaze ukuthi ngolwani bese ke futhi emcelela nezinhlanhla endleleni leyo  ayithathayo. Lo osuke ekhuluma emsamo uyakubika ukuthi isizathu sokuthi akhulume engayishisanga impepho njengoba ekhuluma emsabo yingoma umuzi usemusha akakabalethi ekhaya ngesiko lakhona.

Ukuthutha abadala

Wonke umuntu wazi kahle ukuthi umuzi uyabikwa kwabadala, lokho kuwuyisiko lwasemandulo olungashintshile ngisho nanamhlanje noma izinto eziningi zesintu ezithinta amasiko sezashintsha ngokuhamba kweminyaka.

Uma kulandwa abadala kwenziwa umsebenzi ngezimbuzi ezimbili, noma ke kungabalulwa ukuthi ukwenza kwemizi akufani njengoba ikhona nje imizi okuhlatshwa kuyo imbuzi eyodwa.

Ukuhlatshwa kwembuzi yokuqala

Imbuzi yokuqala ihlatshwa lapho okulandwa khona abadala. Kuqalwa ngokugaya utshwala besintu, buvovwe, bubekwe emsamo, bese abafana bakulowo muzi balande imbuzi esibayeni bayihambise kulendlu okushiselwa kuyo impepho. Kube ke sekushiswa impepho kubikelwa abadala ukuthi usibanibani uhlaba nasi isilwane usihlabela nasi isizathu esiwukulanda abadala ukuthi abahambise emzini wabo omusha. Ngelanga elilandelayo indlalifa yakulowo muzi okuyiyo eshisa impepho ihamba nehlamvu lomlahlankosi okuyisona sihlahla esisetshenziswa ezintweni ezithinta abadala. Uma ke esehamba eseya lapho okuhanjiswa khona abadala, ubika emsamo ethi “nina boSothole” yimina uzibanibani ezisho igama lakhe, ngiyanithatha nginihambisa emzini kasibanibani njengoba esephuma umuzi naye andisa umuzi walaphekhaya, “ngithi ngiyanithatha nginiyisa kulomuzi wenu omusha, ningasali ke”, bese esho onke amathongo akulowo muzi. Endleleni ke akakhulumisi muntu uma esehamba njengoba esuke ephethe abantu abadala ngoba phela kuyenzeka basale endleleni uma kukhona iphutha elenzekile besahanjiswa.

Ukuhlatshwa kwembuzi yesibili

Uma sekufikwa egcekeni emzini omusha, nakhona utshwala busuke sebugayiwe konke sekumi ngomumo. Esangweni bafike babikelwe abadala laba akabaphethe, “ukuthi nawu umuzi wena omusha ngenani kuwo ningasali ngaphandle”. Phela lapho usuke ebazisa ukuthi sebefikile lapho okuyiwa khona. Ube ke esengena nabo ngaphakathi kwalowo muzi omusha  abayise endlini eyakhelwe ukufaka bona abantu abadala, Nakhona kushiswa impepho kubikwe ukuthi nanti ikhaya lenu elisha nendlu yenu enizohlala kuyo.

Njengoba sibalulile ukuthi zimbili izimbuzi ezisetshenziswa uma kuthuthwa abantu abadala, lena ke yesibili isetshenziswa uma sebefikile abadala noma amadlozi kulomuzi omusha. Lembuzi iyahlatshwa, yona ibizwa ngokuthi ukudla kwabo abantu abadala abasuke belethwe kulomuzi omusha. Lembuzi uma ihlatshwa kukhishwa izicubu zayo edizikizayo zishiswe kanye nempepho emsamo kudle abadala, kanti ke nenyongo yayo yona ibekwa kahle emsamo.

Ayike sizwe sikaNdaba yiyo lendaba esithe asinethulele yona kulengosi ye iAfrika mayelana nokuthuthwa komuzi kanye nemicikilisho yakhona ehambisana nokuthutha nabantu abadala beyiswa kulelikhaya elisha eselakhiwe. Kuhle ke futhi sizwe sikaPhunga ngiyibeke ezithebeni ukuthi ukuthutha abadala kuhluka ngemizi nangokwenza kwayo njengoba phela yonke imizi inezindlela zayo zokwenza, yingakho kukhona abagcabile nabangagcabile, lokhu okusho khona ukuthi ukwenza kuyahluka. Kodwa ke ngokujwayelekile ukubikwa komuzi kwenzeka ngalendlela engenhla.

Leave a Reply