Ukubelethwa komntwana

Asikho isizwe esikhula ngaphandle kwabantwana abakhula babe yisisekelo saleso sizwe. Akumangazi ke ukuthi nakithi sizwe sikaZulu abantwana bayigugu elikhulu futhi ukufika kwabo kuthokozelwa kakhulu njengoba kuthathwa njengesibusiso esivela kumdali, uMvelinqangi uqolo lwakhe. Njengabantu abalawulwa ngamasiko okwenza izinto, kuyinqubo mgomo ukuthi kumelwe ahlonishwe umuntu wesifazane ozithwele. Naye futhi lowo ozithwele bekunezinto  zesintu okumele azilandele, azihloniphe, futhi azigcine. Lapha  sikhuluma ngazinto eziyisiko ozithwele (khulelwe) obekumele ahambisane nazo noma azigcine kuze kube sekutheni uyabeletha, okungagcini lapho, nalapjo esebelethile kukhona okuthile okumele akugcine.

Umuntu wesimame  okhulelwe

Umuntu wesimame uma ezothola umntwana ekhulelwe, ubengavumelekile nhlobo ukuvuka ekuseni ngoba phela bekusuke kusatshwa ukuthi uzohabula noma uzohaqwa yimimoya emibi efana nemimoya yabathakathi noma imikhondo yezinyamazane obekungenza aphuphunyelwe yisisu noma abelethe umntwana oxhwalile. Uma ehamba ubefaka noma abophe amaqakala ngesithombo esiba yisihlangu sakhe simvikele ebubini. Akugcini lapho, lowo ozithwele  ubengavunyelwe ngisho ukuqalaza nge “windi” (ifasitela) noma alunguze phandle. Bekuxwaywa futhi uma ethatha uhambo olude olungamgqilaza emzimbeni, konke lokho kube kwenzelwa ukuthi umntwana lowo amumumethe angabi nazo izinkinga esiswini, kube futhi kuvikelwa naye lowo ozithwele ukuthi aphephe ngoba phela imithetho ayishayelwa nje ubala ngaphandle kwesizathu.

Uma sekusondele isikhathi sokubeletha

Owesifazane ozithwele bekuthi uma sekusondele isikhathi sokubeletha aphuziswe isihlambezo, okuyimbiza ebeyenzelwa ukuthi akhululeke kahle uma sekufike usuku lokubeletha. Isihlambezo lesi besiphinde sisetshenziswe uma kukhona ingane esegcekeni lo ozithwele afuna ukuthi eyakhe iphume ifana nayo. Leyongane ibibizwa ibe seduze nalowo okhulelwe, ikakhulukazi ngezikhathi lapho ephuza khona isihlambezo , lokho bekwenzelwa ukuthi ingane ezobelethwa ifane naleyo evame ukuba seduze kwalowo okhulelwe.

Lapho ukubeletha kunezingqinamba

Alukho uhambo olungabi nazinkinga zalo, kanjalo nokubeletha kowesimame nakho bekunezakho izivunguvungu. Uma ethi uyabeletha kube nezibopho (izinkinga) ekubeletheni kwakhe, isiko belithi omdala ekhaya, ikhehla noma isalukazi, bekumele bashweleze emadlozini, baphinde futhi bathethe ukubhula lowomlilo wolaka lwabaphansi. Kokunye leso salukazi besishaya indlu yabadala phezulu ngomshanelo noma ngenduku ukukhuza ishwa. Kwesinye isikhathi bekuze kugcine kuphoqe ukuthi kuhlatshwe imbuzi kushwelezwe emsamo kucelwe ukuthi lowo ozithwele akwazi ukubeletha umntwana. Uma nalokho kungenzi mehluko izinto zihamba nomoya, umkhwenyana walowo obelethayo bekuphoqa ukuthi akhumule konke akugqokile ahambe lubhojozi ngoba phela bekungenzeka ukuthi yilokho akugqokile obekusuke kuvimba umntwana. Uma isibelethwe ingane, imizi ngemizi ibiyenza ngokuhlukahlukene ngenongwane (inkaba). Eminye imizi ibiyilahla emvuleni noma igqitshwe, kweminye imizi ibibekwa emsamo endlini yakwagogo. Okwenziwa ngenongwane bekulele esikweni lalowo nalowo mndeni ngoba imikhuba yemizi ayifani.

Ngemuva kokubelethwa komntwana

Ngemuva kokubelethwa komntwana bekube sekumbiwa umgodi omncane endlini lapho abelethelwe khona, lowomgodi usindwe kahle ngobulongwe bese umntwana egezelwa khona lapho, kokunye ke agezelwe odengezini. Uma esegezile ubehuqwa ngebomvu leli eligcotshwa ebusweni ngabesimame, lokho bekwenzelwa khona umntwana angeke abe noboya obuningi ebusweni njengesilwane. Abesilisa bebengavunyelwe nhlobo ukungena endlini enomdlezane kuze kuphele izinyanga eziyisithupha kanti ke nabafana bebengakulokothi nhlobo ukudla okusele emdlezaneni ngoba kusatshelwa ukuthi bazothamba babe yizibotho. Emandulo ke bekuthi uma umuntu ebelethe amawele elilodwa lidliswe igabade lize lishone, nokho kwashintsha ke lokho ngokuzalwa kukaMkabayi KwaZulu owabe eyiwele. Uma ke obelethayo ebe neshwa wabeletha umntwana osethule noma umbungu, ubuhanjiswa endle udliwe yizilwane, kepha ke ezinsukwini zanamuhla akusenziwa lokho, useyangwatshwa umntwana ozalwe eseshonile kumbe umbungu.

Ukuvikelwa komntwana ozelwe

Njengoba sishilo nje ukuthi ingane encane ivikelwa ngayo yonke indlela kusukela isesesiswini sikanina kuze kube iyabelethwa, ekubelethweni kwayo ke ibishunqiselwa izinyamazane ukuze iqine. Izinyamazane lezi bezihluka ngokobulili. Ingane yomfana ibishunqiselwa ngezinyamazane zomfana besekuthi ingane yentombazane ishunqiselwe ngezinyamazane zamantombazana. Ingane encane ke ibingawadli nhlobo amasi kodwa igcina nje ngobisi lukanina obekuthi uma isikhule ngokwanele bese idla incumbe. Kuhle sikuveze ukuthi uma ingane ibelethwe inekhanda elikhulu noma itshekelwe yintamo, ibiphakwa noma iphehlwe ngephini ekhanda ukuliqondisa lelokhanda. Lokhu bekwenziwa umalume wayo, ayikhiphe phandle uma liduma izulu bese eyiphaka ngophini esiphundu kanye nasesiphongweni ukuze lehle ikhanda. Intamo ke yona umalume ubeyilula ngezandla enzela ukuthi lingaxegi ikhanda lengane.

Ukukhungwa nokukhula komntwana

Ingane ke iyakhungwa ngabakubo uma sebekwazi ukuthi sebengavakasha ukuzoyibona. Ukukhunga lokhu kusho ukuyipha isipho esihle ingane, esikhathini sanamhlanje nemali isiyasebenza ukukhunga ingane. Uma ke ingane isikhule ngokwanele, isisezingeni lokudla okunye ukudla ngaphandle kwebele likanina, iyaye ibe isiyekiswa ibele. Lokhu kwenziwa ngokuthi unina agcobe inhlaba emabeleni okuthi uma ithi ingane iyancela izwe ukubaba bese iyeka ukuncela. Unina wengane uyasibopha isisu ngemuva kokubeletha enzela ukuthi singahlali sisikhulu unomphela, engabi nenkwabazane. Ngokujwayelekile ufaka umkhanzi wokubamba isisu noma isifociya kanti ke nexhama nalo liyasetshenziswa.

Leave a Reply