Imbeleko yinto yokubeletha noma yokuteta ingane, yakhiwa ngesikhumba sembuzi. Leyombuzi yokwakha imbeleko ihlatshwa nguyise wengane. Ukwakha imbeleko yengane yentombazane, kuhlatshwa isibhuzazane noma imbuzi yensikazi ekhulile. Kepha-ke intombazane iyahlatshelwa futhi intondolo ngoba isuke itheniwe. Umfana yena uhlatshelwa impongo, kukodwa nje lokho kuyamqinisa umfana. Isikhumba saleyo mbuzi ehlatshelwe umntwana, yisona ingane ebelethwa ngaso.
Yigama nje ukuthi imbeleko yinto yokubeletha ingane, empeleni imbeleko yimbuzi yokubonga ukuzalwa kwengane ekhaya. Ingane yokuqala umlobokazi uyitetela kwabo, aqhubeke ahlale amasonto noma inyanga kwabo esetetile. Imbeleko yaleyongane yenziwa khona ekhabonina kodwa lokhu akumvimbi uyise wengane ukuba ahlabele lengane imbuzi uma seyifika ekhaya. Ukutetelwa kwengane ekhabonina kuwukuxhumanisa imindeni yomibili, owakoyise nowakonina wengane. Ukuthi izibulo lenzelwe imbeleko ekhabonina akusho ukuthi selingelasekhabonina. Kungenzeka khona ukuthi lithi lapho likhula kuvele ukuthi lona liphethwe ekhabonina. Lokho kusuke kuchaza ukuthi amathongo alelusile ngawasekhabonina.
Ukuthela ingane ngenyongo kuwuphawu lokuyiqinisa, ukuyifaka isiphandla kuwukuyiqinisa nokuyisondeza emathongweni, adla ngephunga. Kweminye imizi akusiyo impoqo ukufaka isiphandla kodwa lapho sifakiwe, lokho kuyaye kube wuphawu lokuthi wenziwe umcimbi wokubonga ukuzalwa kwengane ekhaya.
Isiphandla somntwana went ombi sifakwa eleft or eright
Uma ingane isiphandla isenzelwe ekhabonina sifakwa kwa left
Ingane eqala kuzichamela ilele isikhulile kusuke kwenzanjani noma kungabangwa yini?
Cofa lapha ukuthola impendulo Ukuhlawulela ingane
Uyise wengane uyakwazi yini ukwenzela ingane imbeleko engagezile muzi engahlawulile kodwa athathe ingane athy uyoyenzela imbeleko ?
Cofa lapha ukuthola impendulo Inhlawulo
Ngabe kumele yini ingane yenzelwe imbeloko uma unina eloboliwe?
Cofa lapha ukuthola incazelo Izinkomo Zamalobolo
Uma uzalwa yintombazane ekhaya ingashadile, imbeleko uyenzelwa kuphi?
Cofa lapha ukuthola incazelo Ukulobola ingane
Angibazi ekhaya kobaba, noBaba angimazi. Bangakwazi yini ukungenzela imbeleko ekhaya koMama?
Ungakwazi uma omalume besekhona.
Uma ubaba wengane esedlulile emhlabeni ingane ingakenzelwa imbeleko, yaze yakhula, kwenziwa njani ekhaya konina?
Ngicela ukwazi ukuthi uma umntwana wokuqala engenzelwa imbeleko uyise (ngenxa yokushoda kwamandla) kuze kube uyalanywa. ngabe nalo owesibili naye kufanele enzelwe imbeleko?
Bonke kumele benzelwe kodwa ngeke kuqalwe ngowesibili.
Ubani okumele enzele ingane imbeleko abakhaboyise noma abakhabo nina
Abasekhaya kubo kayise wengane.
Kwenziwani uma kuqhutshwa usiko lwembeleko?
Uma usuna35 uyenzelwa imbeleko?
Yebo uma kufanele wenzelwe noma ngabe usmdala kangakanani