isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Ukuhlawulela ingane

Okuqukethwe

  • Isizathu sokuhlawulela ingane
  • Okulindelekile njengenhlawulo
  • Umphumela olethwa wukukhokha inhlawulo
  • Ushintsho oselukhona kulolusiko lokuhlawulela ingane

Isizathu sokuhlawulela ingane

Uma owesifazane ekhuleliswe ngowesilisa bengashadile, owesilisa kuyaye kumele enze inkokhelo ahlawula ngayo ukushweleza ngalesosimo esesenzekile. Lena indlela akhombisa ngayo ukuxolisa kanye nokuvuma icala lokungena esibayeni senye indoda ngaphandle kokukhokha amalobolo kuqala, futhi exolisa ngokuthela umuzi waleyo ndoda ngehlazo.

Okulindelekile njengenhlawulo

Zine izinto ezilindelekile njengenhlawulo. Owesilisa kumele akhokhe inkomo kababa ngokona isibaya sakhe ngaphandle kwemvume, aphinde futhi akhokhe imbuzi ebhekela ukugeza izintombi zakulowo muzi ngokuzifaka ehlazweni. Kuba khona futhi notshwala besintu kanye namahewu okubhekela ukuhlisa ilukuluku emakhehleni nasezalukazini zakuleso sibongo. Konke lokhu kulethwa ngabantu abadala bakubo kwalowo wesilisa owonile, kodwa yena umaqondana okhulelisile akufuneki abekhona.

Umphumela olethwa wukukhokha inhlawulo

Ngaphandle kwenhlawulo owesilisa okhulelise ngaphandle komshado akabi nakho ukukhululeka neqholo lokubona ingane yakhe uma isizelwe, kumbe nokubona lowo wesifazane amkhulelisiwe, kanti futhi uma behlala endaweni eyodwa nakhona lona wesilisa uba nyamana mbana. Konke lokhu akwenzeki uma owesilisa ehlawulile, uyakhululeka ekhaya lapho one khona kanye nasendaweni yonke.

Ushintsho oselukhona kulolusiko lokuhlawulela ingane

Phakathi kwabantu besizwe samaZulu ukuhamba kwesikhathi sekulethe ushintsho kumasiko afaka ukukhokha phakathi, esingabala kuwo ukuhlawulela ingane, ukubikwa kwesisu, ukulobola ingane, ukulobola umuntu wesifazane kanye namanye. Phambilini bekuba yizinkomo kanye nezimbuzi eziphilayo okukhokhwa ngazo kepha namhlanje sekukhokhwa nangemali. Emandulo lapho bekudingeka kulethwe khona utshwala besiZulu noma amahewu, namhlanje sekulethwa ikesi likabhiya kanye nelikadilinki.

18 thoughts on “Ukuhlawulela ingane”

  1. ngicela ukubuza ingane yokuqala yentombazane ihlawulwa ngezinkomo ezingaki uma abakubo sebefuna ukuyoyenzela amasiko

    Reply
  2. Ngicela ukubuza ukuthi Uma umuntu ekhulelwa ingane yesibili engaka hlawulwa neyokuqala ziba ngakhi izinkomo

    Reply
  3. Ngcela ukubuza , kuye kuhamba kanjani ukuhlawulela umuntu ongasekho umntwana/abantwana asebengaphezulu kuka 30 weminyaka?

    Reply
  4. Ngcela ukubuza ukuthi Uma umaqondana ekufice unenye ingane ekungayona yakhe. Akumele yini azohlawulela ingane yakhe? Sengisho ukuthi umuntu wesfazane oficwe enezingane uyahlawulelwa noma qha?

    Reply
  5. Ngicela ukubuza, kuyenzeka yini ukuthi ingane ezalelwe ekhaya ithi uma isigcagcelwe bese umalume ayikhiphe inxiwa ngesilwane athi ayakhe umuzi wakubo nakhona kubo ezalwa khona bayamukele ngesilwane, nokuthi umakoti uyathelwa kabili ngenyongo njenganalokhu ezobe esengena komunye umndeni

    Reply

Leave a Reply