Ukubika ingane emsamo

Uma ekhaya kunomntwana oselethwe emhlabeni njengelunga lomndeni, ngokosiko lwesiNguni kumele enzelwe umcimbi wokumamukela nokubikwa edlozini. Inhloso yalolusiko kuwukushweleza kwabaphansi ukuba bamamukele, bamugade kukhona konke okubi okungase kumehlele futhi baphinde bamazise njengelunga elisha lomndeni.

Okwenziwayo uma kwamukelwa umntwana.

Ekhaya lapho azalelwe khona umntwana kumelwe bachithe igazi lesilwane okungaba ukuhlaba inkukhu noma imbuzi uma isimo sivuma. Kube sekulandela ngokushiswa kwempepho kukhulunywe nabaphansi umntwana acelelwe konke okuhle kanye nokuvikeleka emimoyeni emibi yasemhlabeni. Lolusiko alukhethi noma abazali bengane bengashadile ingane ingenzelwa ngabasekhaya komalume noma lapho kuzalwa khona ubaba wayo. Uma kungumntwana wokuqala kube sekulandela imbeleko Kanye namanye amasiko abhekelene nokufika komntwana emhlabeni.

12 thoughts on “Ukubika ingane emsamo”

  1. Sawubona ngithi angibonge ngencazelo osinika zona ngamasiko. Ngoba lezinto azinakeki kanti ziyadingeka. Abazali mabengasekho kubanzima kakhulu umuntu engazi uzokwenza njani nokuthi uzobuza kubani. Mina nginabafana ababili engibatholele ekhaya kobaba abahlukene but bobabili bahlawulelwa. Omdala ngase ngimganile ubaba wakhe sabuye sahlukana. Owesibili ngishade nobaba wakhe. Ngicela ukwazi ngembeleko ukuthi ngibenzela bobabili kithi noma ngenzela omdala kuphela. Abazali angisenabo, nabafowethu abasekho.

    Reply

Leave a Reply