Uma ekhaya kunomntwana oselethwe emhlabeni njengelunga lomndeni, ngokosiko lwesiNguni kumele enzelwe umcimbi wokumamukela nokubikwa edlozini. Inhloso yalolusiko kuwukushweleza kwabaphansi ukuba bamamukele, bamugade kukhona konke okubi okungase kumehlele futhi baphinde bamazise njengelunga elisha lomndeni.
Okwenziwayo uma kwamukelwa umntwana.
Ekhaya lapho azalelwe khona umntwana kumelwe bachithe igazi lesilwane okungaba ukuhlaba inkukhu noma imbuzi uma isimo sivuma. Kube sekulandela ngokushiswa kwempepho kukhulunywe nabaphansi umntwana acelelwe konke okuhle kanye nokuvikeleka emimoyeni emibi yasemhlabeni. Lolusiko alukhethi noma abazali bengane bengashadile ingane ingenzelwa ngabasekhaya komalume noma lapho kuzalwa khona ubaba wayo. Uma kungumntwana wokuqala kube sekulandela imbeleko Kanye namanye amasiko abhekelene nokufika komntwana emhlabeni.
Sawubona ngithi angibonge ngencazelo osinika zona ngamasiko. Ngoba lezinto azinakeki kanti ziyadingeka. Abazali mabengasekho kubanzima kakhulu umuntu engazi uzokwenza njani nokuthi uzobuza kubani. Mina nginabafana ababili engibatholele ekhaya kobaba abahlukene but bobabili bahlawulelwa. Omdala ngase ngimganile ubaba wakhe sabuye sahlukana. Owesibili ngishade nobaba wakhe. Ngicela ukwazi ngembeleko ukuthi ngibenzela bobabili kithi noma ngenzela omdala kuphela. Abazali angisenabo, nabafowethu abasekho.
Sawubona, nalu ulwazi esinalo ngalokhu: https://iafrika.org/usiko-lwembeleko/
Yenziwa njani ingane ezalelwe indoda ngaphandle komshado?
Sicela uchaze kabanzi ukuze uzosizakala
Ngiyathanda ukufunda lolusiko
Siyabonga sicela uqhubeke nokuvakashela ikhasi lethu.
Ngiphuphe ikati elimnyama longishaya intamo ngavuka ibuhlungu lokhu kusho ukuthini
Cofa lapha ukuthola incazeloAmaphupho ngekati
Kwenzakalani ngengane engahlawulwanga yaze yaba mdala
Sawubona, ngicela ubheke lapha: https://iafrika.org/ukuhlawulela-ingane/
Cela ukubuza uma ingane izibhoshela isindala ngabe udinga usiko olunjan?
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu:
https://iafrika.org/usiko-lwembeleko/