Isithembu usiko lapho indoda ithatha abafazi abeqile koyedwa. Kusadliwa ngoludala bekuba nezizathu ezinqala ezibangela ukuthi indoda ithathe isithembu. Uma ngenza isibonelo bekungaba wukuthi umama wekhaya akakwazi ukuthola abantwana bese indoda ivumelana naye umama kanye nabomndeni ngokuthi akubekhona omunye owesifazane ozongena ekhaya azoba umfazi ukuze ezozala abantwana kwande isizukulwane salowo mndeni. Lapha eNingizumu Afrika ngokwenjwayelo nangokosiko lwakaZulu umuntu wesilisa okanye asithi indoda kuphela evumeleke ukuthatha isithembu. Kepha ngiyafisa ukucacisa ukuthi isithembu akusiyo kuphela into eyenziwa yisizwe sikaPhunga noMageba kepha nezinye izizwe ziyasithatha isithembu okungenzeka ke ukuthi imithetho nendlela yokwenza yehluke.
Abafazi besithembu-ke banamagama ababizwa ngawo. Umfazi wokuqala ubizwa ngoNdlunkulu okuwuyena futhi umongo wekhaya. Owesibili ubizwa ngekhohlwa. Owesithathu ubizwa ngeqadi abanye bathi ingqadi. Owokugcina abizwe ngesokangqangi. Uma ungumuntukazane awuvumelekile ukuthatha uze weqele kowesihlanu, lokho kwenziwa abasebukhosini, ikakhulukazi inkosi ebusayo. Sike sizwe nje uma silalela umlando ukuthi iNkosi u-Senzangakhona kaJama wayenabafazi abayishumi nesithupha (16).
Imithetho Yesithembu
Miningi ke imithetho yesithembu kepha asizungena kuyo yonke. Kuwumkhuba omusha ke ukuthi indoda iqonywe izwe lonke bese ithi ingoba ifuna isithembu. Kudala bekuba nguNdlunkulu oshelela indoda yakhe lowo wesifazane ozongena kulomendo abe ngunkosikazi wesibili. Uma kukhona isidingo sokuthi kungene omunye futhi umfazi naye ubeshelwa uNdlunkulu. Esikhathini samanje sekukubi kakhulu kunakuqala ukuhamba ulala ngoba izifo zocansi sezithe cithisaka. Ngale kwezifo thina sinenkolelo yokuthi ucansi luthinta ngisho imimoya, ngakho uma uhambe ulala ubutha yonke imimoya le uzoyifaka endlini, loku okungadala izinkinga ekhaya. Yingakho ukuziphatha bekuyinto yawo wonke umuntu ayi kuphela abesifazane. Ngakho uma indoda ithatha isithembu ibilandela imithetho aze abe umfazi ngokuphelele lowo wesifazane oshelwe nguNdlunkulu ngaphambi kokuthi kuyiwe enkonzweni yasekamelweni. Futhi kusadliwa ngoludala indoda ebivumeleke ukuthatha isithembu yileyo egcagcisile. Ngoba ngokwesintu sakwaZulu awunaye umfazi uma ungakagcagcisi kepha unomlobokazi uma usumlobole wamqeda, uma engakapheleli unengoduso. Kodwa ke sekuyenza ukubona isikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana umuntu ethi unesithembu ebe ekhuluma ngezintombi nje angakaze avele ngisho lapho zizalwa khona ngenhloso yokwakha isihlobo.
Eminye yemithetho yesithembu ithinta ukuthi kumele ubakhele imizi bonke abafazi bakho kungabi khona ohlala endlini yomunye. Lokhu kwenziwa ukuthi kudala indlu yomnumzane ephinde ibizwe ngenxuluma yayiba nezindlu eziningi. Noma imizi yamanje ke ingasafani nale yakudala kodwa umfazi nomfazi kufanele abenendlu yakhe njengakudala.
Omunye umthetho uthi okwenza koyedwa kumele ukwenze nakwabanye ukugwema umsindo. Ngokwesibonelo, uma upha uNdlunkulu inkece kumele nalaba abanye ubaphe inkece elingene nale oyiphe uNdlunkulu. Uma uzothengela abafazi bakho izingubo zokugqoka kumele ubathengele bonke ngokulinganayo, kanjalo kanjalo. Okunye futhi, indoda enesithembu ihlukanisa izinsuku zayo, ngelinye usuku ilala kwaMaSbanibani ngolunye usuku ilale komunye bese ke kuya ngokuthi ke bangaki abafazi kuleso sithembu kepha kumele ibavakashele bonke ibanelise bonke futhi. Uma indoda izohlala izinsuku ezimbili kwaNdlunkulu, kumele ihlale izinsuku ezimbili nakulaba abanye abafazi.