Njengeningi lezinkolo ezahlukene kanye nezizwana zakhona, umshado wesiZulu nawo unezigaba zawo. Esilungwini kuqala ngesicelo somshado phecelezi “Engagement”, kulandele idili likamkhipheni elibizwa ngokuthi “Kitchen tea”, bese kuza i “Bulls Party” bese kugcina wona ke umshado loyo. Emshadweni wesintu ke kuqala kuyo indaba yamalobolo noma sesiyikhela phezulu ke njengoba kuqalwa ngokuqonywa noma ukumisa iduku. Emva kwamalobolo, kulandela izibizo, bese kuba umbondo.
Umbondo nomshado
Umbondo lona kusuke ingoduso le ezogana ihambisa izipho kubo kwamkhwenyana wayo lo ozoyishada. Ekugcineni ke kuba yiwona umshado loyo noma umgcagco la okuphindwe kwabiwe khona. Umshado wesintu uphuma ngezintathakusa kubo kwamakoti belibangise kubo kwamkhwenyana lapho udwendwe olusuke lukhona. Umakoti ke uphuma kubo embathiswe itshali noma ingubo ayinikwe ngunina, okuthi ubaba wakhe kube uyena obamba iqhulu ngelanga lalo udwendwe lolo, ephelekezela indodakazi yakhe eyihambisa ekhaya layo elisha lapho isuke iyoganela khona. Ngalesisikhathi iphuma kubo indodakazi le, iyalaywa ukuthi ingabheki nhlobo emuva ngoba kuthiwa lokho kuzoyibangela umkhokha emendweni. Ngaphambi kokuba uphume umshado, uyise wentombazane uqale abike kwabadala abaphethe umuzi okungamadlozi akuloyo muzi, awabikele ukuthi indodakazi yabo – ayisho ngegama – isiyogana.
Uma esefikile umakoti lapho ayoganela khona, kumele ayobikwa kwabadala bakulowo muzi. Lapho akavele azihambele nje egcekeni, kodwa uyacasha aze ayongena exhibeni lakhona, okufanele abakulowo muzi aganele kuwo bamqaphele angangeni bengambonanga ngoba uma engenile kuba nenhlawulo abazoyikhokha. Abakubo kwakhe umakoti lo osuke ezogana bafika ngelanga elandulela umshado, kanti abanye ke bona bafika ekuseni ezintathakusa. Umkhwenyana uthenga izinkomo ezimbili kanye nembuzi okuzohlatshwa ngelanga lawo umgcagco belu. Kodwa ke inyama iyahlukaniswa njengoba kukhona ehamba nalaba abasuke bezoshadisa. Oyise babo abashadikazi laba basho amagama okwamukelana njengoba beshadiselana futhi bakha ubuhlobo obuhle, lokhu kukubeka ngokusobala njengezinqe zesele ukuthi bayavumelana ngokwakha isihlobo kanye nokuhlanganisa lemindeni yomibili. Emva kwalokho ke kuba sekulandela ukusina ngengoma kanye nokuya ngasethunjini.
Umabo
Ekuqaleni sikuvezile ukuthi izibizo zihanjiswa umkhwenyana kubo kwamakoti ngaphambi kokuba bashade, umabo ke wona uba ngalo ilanga lomgcagco. Laba abakubo kamakoti basuke belethe izipho bezabela abakubo kwamkhwenyana.
Uma kwabiwa kusuke kuthengwe amacansi okuhlala, izicephu ezihlotshisiwe, izingubo, imishanelo, izidingo zasendlini, ngisho namabhodwe kanye notshwala besiZulu abasuke befike nakho. Lezizipho ezabiwayo zinikwa abomndeni kanye nezihlobo zomkhwenyana. Odadewabo bakamakoti yibona abanikeza lezizipho, lapho ke yena umakoti usuke ehleli ecansini egubuzele ehlonipha abasemzini. Laba abanikwa lezizipho babizwa ngamagama abo noma ke ngoba kusuke kuhlonishwa laba abanezingane babizwa ngamagama ezingane zabo, njengokuthi ‘ubaba omdala kabhuti uHalalisani’ ukwenza isibonelo. Izipho lezi ziqalwa ngokunikwa abadala kuze kuyogcina ngabancane izingane okuthi emva kwalokho lo othole isikibha agiye uma kungowesilisa kanti uma kuyisimame uyakikiza ejabulela isipho sakhe. Kugcina yena ke umkhwenyana ukubizelwa esigcawini la asuke ezokwembeswa khona ngumakoti wakhe. Umakoti lo ngoba sithe usuke kade ehleli phansi uyasukuma endlalele umkhwenyana wakhe, emva kwalokho ambheke ukuthi ukuphi aze amthole, abuye naye amhlalise lapho amendlalele khona. Umakoti uba esethatha imbiza yokugeza, ayifake insipho kanye nendwangu yokusula uma ugeza akubeke ezansi ezinyaweni zakhe umkhwenyana sakumgeza izinyawo okuthi uma eseqedile amlalise lapho amendlalele khona. Uma nje esethi uyalala umkhwenyana, wembulwa ingubo le ambathiswe yona bese bethi ukumtitinya kancane eshaywa ngamantombazane aphelezele umakoti ngezinswazana aze abaleke.
Zonke izigaba ezandulela usuku noma ezenziwa ngaphambi kokuba kufikwe osukwini lomshado wesiZulu zibalulekile futhi zonke zinendima yazo eziyidlalayo. Nawo umabo ke ubaluleke kakhulu ngoba ngokwesintu umshado usuke ungaphelele uma ungenziwanga umabo, ngoba lokhu kubanga ngisho izinqinamba emshadweni, kokunye abashadikazi bangazitholi ngisho izingane noma ube nezinkinga umshado wabo. Umabo yiwona owenza abadala noma amadlozi amukele umgcagco lo osuke ukhona, ngaphandle komabo kusuke kuwukwenza nje umshado ongaphelele.
Uba khona yini umkhwenyana ngosuku lokumbesa
Cela ukubuza kuthi yini umehluko phakathi kombondo omncane nomkhulu? Yini okumele yenziwe emvakwamalobolo ngoba ingqibamasondo angizange ngayenza?
Cofa lapha ukuthola impendulo uMembeso (isigaba emshadweni wesintu)
Ngicela ukubuza ukuthu kubalulekile yini ukuthu umkhwekazi abonge ibhodwe emzini kumkhwenyana.
Cofa lapha ukuthola impendulo uMembeso (isigaba emshadweni wesintu)
kugqokwani emshwadweni wesintu
Cofa lapha ukuthola impendulo Imvunulo
Ngicela ukubuza. Uma iKist ayihambanga kwenziwa njani
Kumele kuqalwe phansi kugcinwe usiko, kwenziwe ngendlela.
Nice la ukubuza kwenziwe njani uma umakoti eseyongena emzini
Ngicela wenze sengathi inkulumo mpendulwano ngamafuphi
Cela kubuza kuymphoqo yini kuthi uma umuntu wesifazane awushadi umshado wesizulu uma abazali bamkhwenyana bengashadanga (umabo) besaphila bona abasekho emhlabeni ngingjabula mengathola mpendulo ngokushesha
Imizi ngokuhlukana ayenzi imikhuba efanayo lokhu kungaya ngomuzi nangendlela okhokho ababenza ngayo. Kweminye imizi indoda igcina usiko lokushadisa abazali bayo ngaphambi kokuthi ishadwe.
Ngiyabo bengiyenza umusebezi wesikole
Nami ngomunjalo😂
siyabonga kakhulu ngokusifundisa, mina nje angusuye umZulu kepha ngiyasithanda isiZulu kakhulu namasiko awo. ngiyafisa nje ukuthi ngelinye ilanga ngishade nomZulu
Siyabonga ngolwazi lwamasiko ethu
Thobile Ntshangase
Asbonge ukthola ulwazi
Siyabonga kakhulu ngalolulwazi enisipha lona,ikakhulu thina Bantu abasha,iningi lethu lethanda okwasetshonalanga bengakwazi ukwakithi,ngalokho Siyabonga nofisa ukubuyela entweni yakubo uyothola umkhomba ndlela la, Siyabonga.