Imvunulo

Ngenxa yokushintsha kwezinto sekumbathwa izingubo manje, okungamabhulukwe kanye neziketi, okuyizinto zesimanjemanje ezakhiwe ngendwangu. Emandulo bekugqokwa imvunulo nsuku zasa, kodwa namhlanje imvunulo isigqokwa uma kuhlotshwa lapho kunemigido, imicimbi noma imisebenzi ethile. Imvunulo namhlanje ibiza imba eqolo, isizathu salokho kuwukuthi sebembalwa ngampela abantu abakwazi ukuyenza noma ukwakha imvunulo ephusile. Kulengosi ke sibheka yona imvunulo kepha asizokuyihlukanisa ngezigaba zokugqokwa kwayo ezifana neminyaka kumbe ubulili balabo abayigqokayo. Sizobheka nje ukuthi imvunulo yakhiwa kanjani, nanokuthi  noma yonke yakhiwe ngesikhumba kepha yahluka ngokwakhiwa kwayo ngoba phela igqokwa ngokuhluka.

  • Idlelo yisitsha soselwa noma sophondo samaxhwele okufakwa kuso ugwayi bese silengiswa entanyeni. Lesitsha sihlotshiswa ngobuhlalu ukuze sibe sihle sibuke
  • Uhlanga lugqagqelwa ngobuhlalu lulenge entanyeni njengomgexo. Lwenziwa ngomhlanga noma ngokhuni bese kuthi phakathi kufakwe umuthi osetshenziswa uma umuntu olugqokile evukwa wukugula okuthile.
  • Ulimi lwenziwa ngobuhlalu obufakwa kuhala, olwabesimame, balugqoka uma bevunule.
  • Amagcagcane enziwa ngobuhlalu obufakwa kuhala bese eba isibebana esibanzi. Amagcagcane asetshenziswa yizinsizwa uma zihlobile zizinhle ziya emdlalweni.
  • Umankwapheni wuhlobo lwemvunulo olungakhethi bulili olufakwa ngabesimame kanye nabo abesilisa. Lwakhiwa ngobuhlalu bese bugaxwa kusuka entanyeni kwehle ngohlangothi kujikele ngaphambili esifubeni.
  • Umazitike ufana nomgexo kodwa wona ugqokwa okhalweni, ekhanda nakhona ke entanyeni. Umazitike wakhiwa ngobuhlalu obusikwe isikwele phakathi kuwo ukuze ukwazi ukugqokeka.
  • Umgexo uyagaxwa, njengoba negama lizisho nje. Uyahlukahlukana ke wona, kukhona owakhiwa ngemfibinga omunye wakhiwa ngamaqhule abhotshozwe imbobo ukuze kuzokwazi ukuti kufakwe intambo ezowenza ugaxeke entanyeni. Umgexo ke awukhethi bulili nawo ekugqokweni kwawo ngoba amakhehla nezalukwazi ayawufaka njengoba nezinsizwa nezintombi nazo ngokunjalo ziwufaka.
  • Umgingqo wenziwa ube yisivingqozi esitshutshwe ubuhlalu ukuze sihlobiseke kahle, kuyenzeka ke ubhinqane kabili. Umgingqo ubhincwa yizinsizwa nezintombi okhalweni kanti ke namantombazane ayawufaka entanyeni.
  • Umgungqulu ugqokwa noma ubhincwa izintshikizane uma zihlobile okhalo, wona ke wakhiwa ngobuhlalu.
  • Umnaka wehlukene kabili, kukhona owabantwana basendlunkulu noma amakhosi kanye nalowo ofakwa izintombi nje. Lona wamakhosi noma wasendlunkulu wenziwa ngezixebeledwana ezibanzi bese kuthi lona ogqoka ngamantombazane nje, wona wakhiwa ube njenge “sikhafu” sasemqaleni, wona ke kodwa ubekwa phezu kwenye imvunulo esinqeni uma ibhincile intombazane leyo.
  • Umutshwa kudala ubuwakhiwa ngotshani njengexhama nje, ufakwa izintshikizane okhalweni.
  • Iqele lakhiwa ngesikhumba sethole, ngotshani, kanye nangobuhlalu. Lona ke uma ligqokwa lifakwa esiphongweni lihambe ngenhla kwamehlo lize liyoshaya ngemuva esiphundu lapho elifaswa khona.
  • Isidanga sifakwa yizintombi entanyeni, sakhiwa ngentambo ehlotshiswe kahle.
  • Isigege senziwa ngobuhlalu nendwangu, emandulo besakhiwa ngesikhumba. Sigqokwa ngamantombazane kwesingaphambili ukuze afihle isitho sawo sangasese.
  • Utshole lufana nesigege, lwembathwa ngamantombazane, lugqokwa kusukela esiswini kwehlele ngenzansi, lwakhiwa ngobuhlalu nangendwangu.
  • Umqhele uyathungwa ube yindilinga ukuze uzokwazi ukugqokeka ekhanda, wakhiwa ngesikhumba senkomo noma senyamazane, kuya ngokuthi wakhelwe umuntu nje noma umntwana wasebukhosini. Umqhele ke usho izinto eziningi, kukhona ogqokwa ngumuntu uma kukhona ahlabene ngakho bese echonywa nophaphe lwegwalagwala ekhanda okusho ukuthi abantu bayakubona ukuhlabana kwakhe.
  • Iziqhaza zifakwa endlebeni, zisandilingana, zakhiwe ngento esabuhlalu, kuqalwa bezifakwa uma kuvunulwe nje KwaZulu kodwa manje seziyafakwa nasenkonzweni yaseNazaretha ngoba vele nabo abakhonza khona bahloba ngayo imvunulo yesintu.
  • Umphapheni wubuhlalu obufakwa entanyeni uma kuvunulwe kuyiwa emkhosini othile.
  • Ubusenga bakhiwa ngothaka, bugqokwa yizinsizwa kanye nazo izintshikizane. Bufakwa ezingalweni kanye nasezithweni ngokunjalo.
  • Umgaxu esikhathini samanje wakhiwa ngobuhlalu noma ngendwangu, ugqokwa yizinsizwa nabanumnzane uma behlobile.
  • Isiphenama yisikhumba esingenhla kwesinene esigqokwa ngabesilisa.
  • Izigqizo zakhiwa ngobuhlalu kanye nensonto zihlotshiswe kahle, zona zigqokwa emaqakaleni kanti ke futhi azikhethi bulili obuzigqokayo.
  • Injobo yakhiwa ngesikhumba sensimba okuyinyamazane kanti ke igqokwa yodwa kodwa ihambisana nebheshu uma kuhlotshiwe, ifakwa okhalweni ilenge emaceleni.
  • Isinene sakhiwa ngesikhumba. Izinene ziyahlukana, kukhona esiba sasixwenjana kanti esinye siba imigxa elebgayo ebheke phansi. Isinene sibhincwa ngabesilisa uma bebhincile kanti nezintombi seziyasigqoka esikhathini samanje uma kunemicimbi efana nememulo ngoba phela seziyahloba nangamabheshu noma ngokomthetho engawabantu besilisa.
  • Ibheshu ngisho abantu abanolwazi oluncane ngemvunulo kaZulu bayazi ukuthi isembatho sabantu besilisa. Amabheshu akhiwa ngesikhumba senkomo. Amabheshu kuvulwa ngawo lapho kunemikhosi, imicimbi noma nje abantu bezihlobele kungenziwa lutho.
  • Izigqizo zibuywe zibizwe ngamadavathi, zona zigqokwa emaqakaleni uma kuvunulwe.

Besisika kwelijikayo lapha ngemvunulo yesintu. Lesi bekuyisihlandla sokuqala, isihlandla sesibili sohlu lwemvunulo kaZulu sizolandela ngokuzayo.

10 thoughts on “Imvunulo”

  1. Ngicela kubuza umqhele ukwahlukaniseka kwawo singaze sithenge okwabanumzane kanti sisebafishanyana

    Reply
  2. indlela yokugqoka kwabesifazane ekuzalwemi, esigabeni sokuthomba, intombi nto, oganile kanye noshadile

    Reply
  3. Ngicela kbuza kushoni ukuphupha umfula ungenisa libe lingani,ufune kuhamba naye noma ukuvimbele kub ukwazi kuwela

    Reply

Leave a Reply