Imvunulo
Ngenxa yokushintsha kwezinto sekumbathwa izingubo manje, okungamabhulukwe kanye neziketi, okuyizinto zesimanjemanje ezakhiwe ngendwangu. Emandulo bekugqokwa imvunulo nsuku zasa, kodwa namhlanje imvunulo isigqokwa uma kuhlotshwa lapho kunemigido, imicimbi noma imisebenzi ethile. Imvunulo namhlanje ibiza imba eqolo, isizathu salokho kuwukuthi sebembalwa ngampela abantu abakwazi ukuyenza noma ukwakha imvunulo ephusile. Kulengosi ke sibheka yona imvunulo kepha asizokuyihlukanisa ngezigaba … Read more