Ukuphupha ubhince imvunulo kungasho ukuthi uwumuntu onokuzigqaja ngemvelaphi yakho. Kwesinye isikhathi kungasho ubuhlakani nokuzazi.
Uma uphupha ubhince imvunulo yesikhumba sengwe kungasho ukuhlonishwa ozokuthola nokuthi uwumuntu onemimoya yedlozi elinobukhosi.
Ukuphupha ubhince imvunulo kungasho ukuthi unezimoya zobungoma.
Uma uphupha ubhincile ngemvunulo ungumuntu wesifazane kungasho ukuthi uzobusiswa ngomshado ungalindela ukucelwa noma abakhongi.
Uma uphupha ubhince imvunulo ungumuntu wesilisa kungasho ukuthi lindela isigaba sokuba yinhloko yomuzi noma ukuganwa maduze.
Ukuphupha ubhince imvunulo uzoba nomcimbi kungasho ukuthi izidalwa zakho zikusingethe, konke kuzohamba kahle ngomcimbi.