Awukho umgcagco wesintu oba khona uma kungalandelwanga imigudu yakhona efana nokuqoma kumbe ukuqonywa, ukucela isihlobo esihle kanye nokulotsholwa; lapha sibala nje izinto ezimbala. Zonke izigaba eziba khona ngaphambi ngokuba kube wusuku lomgcagco zenziwa ngendlela yakhona yosiko lwethu thina Zulu.
Kulengosi ke sikhuluma ngendaba enkulu eyenzeka lapho kulotsholwa, sikhuluma ngokukhonga. Asiyibeke kanje lendaba, uma insizwa isimbonile umuntu efuna ukugcagcelwa nguyena, leyonsizwa iyaye iqoke abakhongi ababili ngokujwayelekile abazoba ngongqa phambili ezinkulumeni zamalobolo, izibizo, kuze kuyofikwa ekutheni kugcagcwe. Uma sichaza abakhongi singababeka njengabakhulumeli bomndeni wensizwa ezoganwa.
Abakhongi bakhethwa ngokucophelela
Abakhongi kuba ngamadoda akwaziyo ukukhuluma abeke inkulumo ezwakalayo, khona ezokwazi nokukhala uma abasemzini sebegadla kakhulu enanini lezinkomo zamalobolo. Ngolwazi esinalo, kubakhona umkhongi omncane nomkhongi omdala. Kuba yisoka lentombi elotsholwayo elikhethayo ukuthi ngubani umkhongi omdala nomncane, kanti ke kujwayelekile ukuthi umkhongi omncane kube ngumuntu okungesiye owasemndenini bese kuthi umkhongi omdala kube ngumuntu wasegcekeni kubo kwansizwa leyo elobolayo.
Uhambo lwabakhongi beyolobola
Ngosuku lokukhonga, ngaphambi kokuba abakhongi balibangise kubo kwantombi ukuyocela isihlobo esihle, kushiswa impepho kubikwe ngohambo lolo, emuva kwalokho bese kuba yinxa beluthatha lolo hambo. Kwezinye izigodi abakhongi uma beya kokhonga baphuma bephethe ubuhlalu obumhlophe, uma bevunyiwe kubo kwantombi babuye nobunye ubuhlalu.
Ukufika kwabakhongi kubo kwantombi
Uma befika kubo kwantombi abavele babhubhutheke nje njengamahanguhangu ekloba lomlilo obhebhethekayo ongavimbeki. Uma befika esangweni kubo kwantombi abakhongi bafike bame esangweni, bese bekhuleka ngezithakazelo zakulowo muzi abeze kuwo. Bakhuleka bephethe izinduku ngoba phela akuhanjwa kulengiswe izandla uma kuyokhongwa kepha kuphathwa izinduku ukuhlonipha umuzi womnumzane abeze kuwo. Ngesikhathi abakhongi bememeza ngaphandle komuzi, bakubeka obala ukuthi bahamba ngohambo lwani, basho ukuthi “Sikhulekile koGubhela, yithina abakwaMkhize sizocela isihlobo esihle” besho isibongo somuzi abasuka kuso. Kanti ke futhi bayakuveza ukuthi njengoba bezocela isihlobo esihle nje, abezi belambatha kepha baqhuba izinkomo zokulobola abazocela ngazo lesosihlobo esihle. Izinkomo bazisho ngombala wazo njengokuthi nje “Siqhuba inkabi emdaka” bebe futhi bebalula nenani abaliphethe.
Ukungena kwabakhongi kubo kwantombi
Laba abakhongayo ke nabo babazi ukuthi ukukhululeka emzini womnumnzane akusiwona ushukela emdokweni, njengoba babebuye bashawe nokushawa, okanye baxoshwe nokuxoshwa. Kodwa ke phela babengashawela ukuthi kuyaliwa kodwa kuyisiko nje ukuthi ngaphambi kokuthi bamukelwe ngaphakathi kwakumelwe bavikiswe kancane bangangeni bachanase nje. Uma sebengeniswa ke abakhongi kuthunyelwa ingane ukuthi ibangenise elawini okuzobanjelwa khona izingxoxo zamalobolo.
Inani lezinkomo zamalobolo
Kuthiwa emandulo ke sasingekho isibalo esibekiwe sezinkomo okwakumelwe zikhishwe zelobolo, kepha kwakuya ngamandla nangokusutha kwendoda. Ubuntu babuyinto ehanjiswa phambili ezingxoxweni zamalobolo ngoba phela kwakusuke kwakhiwa isihlobo esihle. Okuhle ke nje wukuthi noma isintu sesahlanganiswa njengomncindo nesilungu kodwa kusekhona obekwenziwa ezinsukwini zakudala okusamile futhi okusenziwa nanamhlanje. Okunye kwalokho wukuthi ibolobo alisiyona impoqo ukuthi likhishwe lonke, kepha izinkomo ziyahanjiswa ngokuhlukana; kanti ke nomgcagco awumi umiswa wukuthi aliqediwe ilobolo, kepha kuyaboniswa nje ngendlela elizoqedelwa ngayo. Uma izinkomo zingaphelele amandla engavumi, umkhongi wayecela nje ukuba anikezwe ingane, acele abasekhweni ukuthi bancele umbele ongapheli ngokuphinde babuye bezolanda izinkomo ezasalayo.
Ukufika kwabelungu kwaqalisa ukuba kube nesibalo esimisiwe senani lezinkomo zelobolo, kanti emandulo kwangeyona ngisho impoqo ukukhipha izinkomo uma kulotsholwa. Kokunye umfana wayekhipha izimbuzi ezimbili nje kuphela bese kuthi izihlobo zakhe nomndeni wakhe balethe utshwala besiZulu, isigqulo nomphini waso, izinkamba, izigege, amabheshwana, kanye nezitshalo nezithelo eziningi ezahlukahlukene ezitholakala emasimini njengamadumbe, izindlubu, ubhatata, ummbila, amabhece, amathanga, imfe kumbe namabele. Lensada yokudla yayithathwa ihanjiswe kubo kwantombi kufikwe kunqunywe nosuku lomgcagco maqede ziwushaye.
Kusukela ekufikeni komlungu nesandla semfene, afake unyawo lwedada, one yonke into enhle mayelana nelobolo. Lokho kwagcina ngokuthi isiko lishitshe kungabe kusabalona elokwakha isihlobo esihle kepha kwaba sengathi sekungolokuthengiselana lapho amadoda edayisa khona ngamadodakazi awo, lapho abakhwenyana bezithola khona bejeziselwa inhloso yokuthi bafuna ukuvusa imizi yasemakubo. Siyakufunda ke ukuthi igama lalo mlungu owaguqula isiko lokulobola kwakungu Somtsewu Theophilus Shepstone owayeNgunobhala wezindaba zabantu, okunguyena owathi izinkomo zelobolo mazibe yishumi nanye, lokho kwenzeka ngesikhathi sokubusa kwenkosi uMpande nenkosi uCetshwayo. Ngemuva kwalokho ziye zashintsha-ke izinto kancane kancane kwaqala kwabakhona asebefuna izinkomo kuphela bengasazifuni izimbuzi. Kwaqala kanjaloke ukuthi abantu bonke bafune izinkomo.
Izingxoxo zamalobolo
Sesicishe salibala lapha, okwenzakalayo uma abakhongi sebengenisiwe endlini lapho okudingidwa khona ilobolo, kukhishwa imvulamlomo okuyinani lemali elithile kanye nebhodlela likagologo. Imvulamlomo le iba yigunya lokuthi sekungaqalwa kudingidwe udaba okuhlangenwe ngalo. Kulezozingxoxo kuphinde kuphume nezwi mayelana nezibizo.
Ngaphambi kokuba kuhlalwe phezu kwendaba yamalobolo, abakubo kwantombi ezolotsholwa, okuba ngabantu abadala bakhona ababili noma abathathu, babiza amantombazane akulowo muzi abe maningana angene endlini ahlale ngasemnyango egobozele eshuqule nasemakhanda ukuhlonipha abasemzini. Lokhu kulandelwa wukuthi abakubo kwantombi babuze abakhongi ukuthi iyiphi indodakazi abeze ngayo njengoba ziningi nje nabo bezibona. Laphoke abakhongi kuyaye kumelwe ukuthi bangalenzi iphutha lokukhomba intombi okungesiyona abeze ukuzoyilobola. Uma intombi okuzwe ngayo isikhonjiwe, zibe-ke seziphuma zonke izintombi zibuyele exhibeni lapho ebezikhona, basale-ke abakhongi nabasemzini baqhubeke nodaba lwezinkomo zamalobolo.
Izinkomo zamalobolo sezaba yishumi nanye, zibalwa ngamagama azo ukuthi lena ngekabani nokuthi ngeyokwenzani. Kunemigomo eba khona lapho kukhishwa amalobolo, njengokuthi nje uma umkhwenyama elobola umuntu osewonakele, obungasekho ubuntombi bakhe, futhi lowo olobolayo kungesiye omonile, kuba khona inkomo ephukayo. Nalapho futhi lowo olotsholwayo eficwa esenengane kubakhona inkomo ephukayo. Ngokwejwayelekile umuntu onengane ulotsholwa ngezinkomo eziyisishagalombili.
Cela ukwazi amagama ezibizo makuyolotsholwa
licazani ke uma kufike abakhongi bakhabo lomuntu ongasazwani naye kodwa kunezi ngane phakathi kuthiwa sizokulanda uye emzini kodwa asisazwani mara emaphushweni kuvela abakhongi bakhe bazolanda umakoti
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngezingane ezincane
Siyabonga ngencazelo, sicela nisinabele kabanzi mayelana nesicephe okanye ipleti ababuyela nalo emuva ukuba lenziwa njani, elani nokuthi lubaluleke ngani
Siyabonga, sicela uqhubeke nokuvakashela ikhasi lethu.
Ngabe ikuphi okumele kwenziwe kuqala Uma ufuna ukulobola umuntu onengane kwenye indawo
Cofa lapha ukuthola impendulo Ukulobola (isigaba emshadweni wesintu)
Kusho ukuthini ukuphupha kufika abakhongi bezocela
Ubushobo
Ake nichaze nithi ukwenaba mayelana nokulotsholwa kwentombi kanye nezinkomo zelobolo. Kafushane nje ngithanda ukwazi ukuthi uma uhlangane nentombi esingasaphelele futhi ubuntombi bayo bungathathwangwa uwena, ubani okufanele abikele abakubo kwentombi ukuthi ayisaphele, ingabe insizwa ngomlomo kamkhongi noma intombi okumele ibikele abakubo.
Cofa lapha ukuthola ulwazi olwengeziwe https://iafrika.org/izinkomo-zamalobolo/
Lencazelo ibe wusizo kumina kodwa angicaciselekanga mayelana nezinto abakhongi okufanele bahambe nazo uma sebeqedile izingxoxo zabo
Chaza ukthini ukphupha uhamba ehlane?