Inganekwane yesiZulu: UQakala noPhoshozwayo (Isigaba 2)

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Indaba iqale ngesigaba sokuqala, esitholakala lapha.

Ibandla lidingida udaba lwenyama

Adumale kakhulu usokhaya uma etshelwa ngesehlo sokunyamalala kwenyama ebhodweni, athi akubhekwe umhlubulo wayo la wona obekwe khona nakhona lutho umhlubulo, kwala ngisho sekubhekwa umkhonto ezintingweni nalapho kwayisona leso kukhala ibhungane akukho lutho. Ayi bavele bayihambise esigcawini lendaba yokulahleka kwenyama, bahamba nje kulomuzi uPhoshozwayo usekhona phezu kwendlu.

Uma sebehambile ehle endlini aye entabeni ukuyochitha isikhathi, wahamba waze wabuya selithe ukuthambama sekuzodingidwa lona loludaba lokulahleka kwenyama. Nakhona lapho ubuya nje usayiphethe inyongo yehhashi lakhe akayikhiphe kade behlinza. Wafika sesihleli isigcawu kuzobhungwa indaba yenyoso evele nje yanyamalala, naye ke! uPhoshozwayo wafike wahlala nabo abamnumnzane abazozwa loludaba oluzobhungwa. Kwathula kwathi nya esigcawini kulindwe ukuba kuqale kudingidwe loludaba oluyindida ngokunyamalala kwencoso. Kwaba ukuthola kwakhe intuba ke! uPhoshozwayo lapho, wavele waqhumisa inyongo yakhe akayiphethe ehleli phezu kwetshe, lagxuma lababaza ibandla.

Amuthethisa amadoda esigcawini embuza ukuthi yini eqhumayo, bamtshela nokuthi akahlale nakahle, kepha wakushaya indiva yena lokho, wathi uhleli ngokunethezeka kulelitshe akahleli kulona. Akangabe esathatha mzuzwana wahlala phezu kodaba watshela ibandla ukuthi uma lingaya ehlathini ngeke lingayitholi lenyama esiwundaba mlonyeni kulendawo.

Bangayinaki lento eshiwo ilomfana omncane bashaye amakhala bengakholwa ukuthi uqinisile. Kuthe emva komzuzwana umnikazi wenyama athi yena uzozidelisa uzoya khona lapho ehlathini eyobheka lenyama yakhe. Nebala ke asukume alubhekise khona uhambo lwakho, nendlanzana lamadoda limlandele ngemuva. Bethi bengafika nje ehlane, hhawu! Nawu lomhlubulo obhekwayo, lokhu kwabethusa bakhala nangakho ukuthi kwale kancane baziphuthisele ngenyama nokwenza imnandi kangaka.

Ubuhlakani bukaPhoshozwayo

Akuphelanga sikhathi esingakanani waphinde wayiputshuza futhi inyongo yakhe yehhashi lomfana omncane, laphinde lakhononda futhi ibandla likhala ngokuthi sekwenzenjani ke futhi manje? Aphendule ngokukhulu ukukhululeka lokhu, athi kubona uma nje bengabheka emseleni odakeni bengabuya nawo umkhonto olahlekile, nakhona nalapho kube yiso leso utholakale umkhonto.

Wabe esebelayela okukugcina ukuthi mabaye empandeni, baya beyimvula khona bafika balithola isela elebe inyama nomkhonto balenza isilo sengubo base beyabuya. Kuthe seliyozilahla kunina, wabe umnumzane esekhuluma noPhoshozwayo ethi kuyena, “Uma unganginika lenyongo yakho ngizokunika imfuyo, noma ngabe hloboluni olufunayo esibayeni sami” nebala bavumelana noPhoshozwayo. Isizathu esenza lendoda ifune lenyongo ingoba yayikholelwa ukuthi lenyongo inamandla okubona okufihliwe kanti ishaye etsheni.

Bavumelana kanjalo ke uPhoshozwayo noMnumzane loyo, uPhoshozwayo wakhetha ukuthatha wonke umhlambi wamahhashi womnumnzane akavumelane naye. Emva kwalokho walibangisa ekhaya eseyotshela ugogo wakhe ukuthi usenenani elingakanani lamahhashi, wena esemtshela futhi nogogo wakhe ukuthi uwathole kanjani. Wabe esecela ugogo wakhe ukuthi ucela angalinge atshele umfowabo ngokuthi amahhashi lawa kufike kanjani ukuthi kube ngawakhe. UQakala wabona nje esefica ngomhlambi wamahhashi udla, wabe esebuza emangele kuPhoshozwayo ukuthi ngabe akabani? UPhoshozwayo wamtshela ukuba ngawakhe. Wabe esemtshela futhi ukuthi emva kokuba wayebulale lawa awakhe amabili wathatha isikhumba sawo wasithengisa ebalungwini bamnika amahheshu esikhundleni senkece.

Indaba iyaqhubeka ngesonto elizayo ngesigaba sesithathu.

Leave a Reply