Kwesukesukela
Cosi
Kwakukhona, uQakala noPhoshozwayo.
Sampheka ngogozwana
Kwakukhona isaguga esasihlala nabazukulu baso ababili amagama abo kunguQakala kanye noPhoshozwayo. Kulabazukulu bakagogo, omdala wabo okwakunguyena indlalifa kwakungu Qakala bese elanywa ilona owamagcina uPhoshozwayo.
Izingane noma kungaba ezandawonye futhi zibe izelamani kepha kujwayelekile ukuthi kube khona enomqondo osheshayo kunenye. Kulezi zelamani kwabe kunguyena uQakala owayebukeka edonsa kanzima engahlakaniphile kahle, bese kuthi lo maqinisane owuPhoshozwayo yena ewungqa phambili kuzo zonke izinto ezenziwayo. Njengoba uQakala kwakunguyena omdala nje lokhu kusho ukuthi kwakunguyena ifa lasekhaya okungelakhe. Imfuyo nje yasekhaya kwabe kungeyakhe, lana sibala wona amaHhashi, iziMbuzi, kanye neziNkomo. Lesi sazi sakubo esinguPhoshozwayo sona efeni sabe sabelwe amaHhashi amabili nje kuphela. Inhliziyo ke iyazilawula, ngisho nawo umona kumuntu awubikezeli uma usufikile. Langalimbe uQakala eqaphe umhlambi wakhe wemfuyo wazithola esegajwa umona.
Phela umona lona wawuqhamuka ekutheni ubona ngathi imfuyo kamnewabo okungamaHhashi kungathi isiyinhle kakhulu naye useyafisa kube eyakhe. Umona ke wamuhlula wahlulwa nawukuzibamba wagcina esephethe ngokuwasoconga lamaHhashi awabulale. Kuthe ke ngosuku olulandelayo umfowabo uPhoshozwayo ephuma ehlathini ephuma ukuyogiga iziNyoni ngesicupho qhamu thushu phezu kwamaHhashi akhe efile edindilize phansi, uwabona nje usathe ukuqhela kancane ubuqamama.
Ngoba wayethe ukuba yibangana kude nawo abone kungcono athathe amagxathu ambalwa khona ezosondela kahle abone ukuthi ngabe iwona ngampela yini amaHhashi akhe. Ethuke ebe inqaba ebona ukuthi iwona ngampela kepha abeke umoya phansi bese eqala umsebenzi wokuthi ahlinze elilodwa lawo lamaHhashi. Uthe eseqe ukulihlinza leli abekade elihlinza wabe esekhipha inyongo yalo, maqede wayifutha leyo nyongo emva kwalokho walibhekisa emzini wakhe ngoba phela wayekade ebuya ehlane ukuyocupha.
Isela lenyama
UPhoshozwayo uthe eqeda ukuhlinza iHhashi lakhe wahlwelwa endleleni esebheke ekhaya, wabe esedlula emzini akawubonayo sakuhlwile. Afike akhuleke esangweni lakhona, kuthule kuthi cwaka ngaphakathi kungaphenduli muntu. Aze agcine athathe isinqumo sokuthi uyangena kulomuzi khona ezokwazi ukulala njengoba esehlwelwe endleleni.
Emva kwalokho wabe esegibela phezu kwendlu khona ezogobisa amadlangala, sithe nje siqala isithongwana ezela esefuna ukulala wabe esezwa umsindo kulendlu akalele phezukwayo. Wathe uma ethi uyabhekisisa kahle akangabona kahle ngoba phela kumnyama kulendlu. Kodwa wagcina ebonile ukuthi cha! Akusisona isilwane lesi esingena kulendlu kepha umuntu ozokweba. Lomuntu avele athathe inyama isebhodweni ahambe, aphinde abuye futhi ihlandla lesibili kanti ke manje usezokwebo umkhonto uhlonyiwe. Awuthathe ayowufihla eceleni la okuhamba khona amanzi.
Lithe isela selibuya okwesithathu kanti nabantu bakulomuzi sebevukile futhi, beza kulendlu elisina lizibethele kuyo. Kepha ngenxa yokuthi kade bephuza utshwala banganaki ukuthi inyama isitshontshiwe endlini ayisekho. Baze babone ngoba nakhu usokhaya wakhona esetshela umkakhe ukuthi akamuphakele inyama. Usho nje ukuthi akaphakelwe inyama ushaye phansi kwashunqa uthuli ayisabonwa nangalukhali ithathwe isela. Ngokuzwa amazwi kamnyeni wakhe umakoti, athi uyayiphaka inyama ebhodweni lutho akukho ngisho iqatha layo, phezu akakwazi nakubona nakhu kumnyama endlini. Aphendule umakoti ukuthi cha ibhodwe lishaya umoya manje, kukhona umhluzo kuphela phakathi inyama ayisabonwa s’dalo nje!
Indaba iyaqhubeka ngesonto elizayo ngesigaba sesibili.