Indaba iphetha lapha ngesigaba sesine. Qala ngofunda isigaba sokuqala esesibili nesigaba sesithathu.
Itulo likaQakala lokubulala uPhoshozwayo
UQakala wayithola intuba yokufaka umfowabo emgodleni, kepha kwasinda khona ukuthi akulula ukubulala umuntu, wazithola eseyofuna okuphuzwayo khona ezobamba isibindi. Wathe nje esahleli ezitika ngotshwala kwadlula ixhegu elidala lixhegula liluse imfuyo. Wakhuluma nalo uPhoshozwayo lamnika imfuyo kodwa lona lifuna ukuthi lingene emgodlagodleni ngoba kwase kuhambe iminyaka kulona lingasafuni ukuphila.
Wajabula kakhulu uPhoshozwayo esesinde ekufeni waphinde wasiselwa ngemfuyo mahala. Wayehamba egiya indlela yonke uPhoshozwayo ethokozele ukuthi usenemfuyo eningi kakhulu. UQakala wanikela kuwona umgodla ayeshiye ewubophile kungekho emqondweni wakhe ukuthi umfowabo akusesiyena lona osesakeni kepha sekungomunye umuntu. Wafike wawujwiba emfuleni lowomgodlagodla wakhe, emva kwalokho walibangisa kubo.
Kodwa okwamudida kakhulu ukuthi wathi engena egcekeni wahlangana nosi lwenyama eyosiwe futhi wabona kushunqa nentuthu. Waxakeka ukuthi ngabe ubani lona obasile futhi ozitika ngencoso, kanti umfowabo. UQakala wabe esebuza ukuthi ubani lona obase umlilo owosayo. Waphendula uPhoshozwayo ukuthi uyena lona ozitika ngezoso futhi waphinde wamema umfowabo ukuba bazodla inyama lena eyosiwe.
Bayidle baze baqeda imibengo leyo, kwasho khona ukuthi uPhoshozwayo inhliziyo ingaphandle waphetha ngokumbuza umfowabo ukuba uzithathephi izimvu ezingaka. UPhoshozwayo waphendula ngokuthi amtshele ukuthi uzithathe emfuleni wazibiza zamlandela zeza kuyena. Wabe esethi uQakala naye ufuna ukuya khona emfuleni eyolanda owakhe umhlambi wezimvu. Kodwa yena ufuna ukuboshwa ngentambo ekhona emfuleni khona zizoba ziningi kakhulu. Wavuma ke uPhoshozwayo bahamba noQakala baya emfuleni. Ngempela ke wafike wambopha ngomchilo wabhanqa nedwala waliphosa emanzini. Kwaba ukucwila kwakhe kanjalo ke uQakala, ngenxa yawo umona nokungamfiseli umfowabo okuhle kodwa.
Cosi cosi
Yaze yamnandi indaba, siyabonga!