Inganekwane yesiZulu: ULahle noBhontshisi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasuka sukela, kwakukhona uLahle noBhontshisi. Laba bobabili babezwana kakhulu. Langa limbe uLahle waqonywa yintombi enhle kanti noBhontshisi uyayithanda lentombi. UBhontshisi wadinwa wagana unwabu ukuthi akaqonywanga, intombi yakhetha umngani wakhe. Lokho kwamphatha kabi uBhontshisi, akaze abuthithi quthu ubuthongo, ethatha ebeka ecabanga isu lokuhlukanisa uLahle nentombi bese ithanda yena.

Wacabanga ukuthi uma engafa uLahle engasala ethandana kahle nale ntombi. Wayengumngani wakhe, wayekwazi okungambulala, wakhumbula ukuthi akakwazi ukuhleka. Wacabanga isu lokumhlekisa ukuze afe bese kusala yena nentombi. Suku lumbe kuhambeni, ilanga likhipha umkhovu etsheni wacela uLahle ukuthi abazizulele njengenjwayelo, kodwa namuhla bazodlula ngasemfuleni kwazise kuyashisa. Wathi engabona umfula uLahle wathi, “Ngingangena mina ngiyofika ngaleya komfula lapho kukhona intombi yakho.” Wavele wamhleka mawala uBhontshisi waze wahlephuka wafa.

ULahle wabe esengena emfuleni efuna ukuwelela entombini, wangena emfuleni wathi “hl hl hl” naye wafa. Intombi yasala yodwa.

Cosu cosu yaphela

1 thought on “Inganekwane yesiZulu: ULahle noBhontshisi”

Leave a Reply