Inganekwane yesiZulu: UMfece noMnqamulembazo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona izithandani ezimbili ezazihlala endaweni embi, enamazimu. Owesifazane igama lakhe kwakunguMfece, owesilisa kwakunguMnqamulembazo. UMnqamulembazo wayesebenza njalo. Uma eya emsebenzini eyale umuntu wakhe ukuba engavuleli muntu, kwakuvalwe ngedwala lapha ababehlala khona. Kwakungavuleki lapho abahlala khona uma ungaphandle, kwakuvula umuntu ongaphakathi kuphela.

UMnqamulembazo kwakukhona iculo ayelicula ukuze bamuvulele. Wayevula ethi, “ltshe lika Ntunjwambili ngivulele ngingene”, bese liyavuleka itshe angene. Langa limbe uMnqamulembazo wabuya nenyama yenkomo eningi. Le nyama ayiphekwanga ngalelo langa, wabe eseyalela umuntu wakhe ukuthi bazoyosa kusasa uma esebuyile emsebenzini. Ngakusasa wavuka waya emsebenzini njengenjwayelo. Watshela isinqandamathe sakhe ukuthi angayosi inyama ngoba iphunga layo lizobiza amazimu. Phela amazimuzimu akulendawo ayeluzwa kahle kabi usi lapho luqhamuka ngakhona. Wavuma uMfece ukuthi akasoze ose lutho kuze kube kubuya indoda yakhe. Kwahamba isikhathi, inhliziyo ingaphandle kuMfece, uyayihalela inyama. Wanquma ukosa inyama encane nje wathi, “Ayi suka, ngeke ezwe amazimu mangosa iqashana nje.” UMfece wakhipha encane, wayosa ayizwa amazimu. Ngokuphazima kweso wabona ngawo esephakathi. Asebenzisa amandla awo, angena ngendluzula.

Amazimuzimu ayidla yonke inyama kanye nayo intombazane. Sashaya isikhathi sokubuya kuka Mnqamulembazo emsebenzini. Wafika kungavaliwe lapho ahlala khona, kunuka inyama. Lavele lamushiya igazi, wethuka ngoba lokhu kwakuqala ukwenzeka. Wathi uma ebuka phansi wabona izidlala zamazimuzimu kwavele kwamcacela ukuthi bamdlile uMfece. Wasala yedwa uMnqamulembazo, engesenamuntu. Wayengesenayo nendawo yokuhlala.

Cosu cosu yaphela.

Leave a Reply