Inganekwane yesiZulu: Ufudu

Kwasukasukela… Kwakukhona imbuzi, imvu, inja, unogwaja kanye nofudu. Babehlala ndawonye endlini eyodwa. Kwathi ngelinye ilanga belambile, bahlanganisa imali yokuyothenga ukudla. Bathuma ufudu ukuthi luyothenga ukudla esitolo. Nangempela luhambe ufudu, kwaphela amalanga amabili wonke, lutho ukubuya ufudu. Kuzwakale uNogwaja esephakama ngolaka, “Uyabona lento yokuthi kuthunywe ufudu luhamba lunyonyoba indlela yonke, thina siyafa indlala!” Kuzwakale ufudu luphendula … Read more

Inganekwane yesiZulu: Iqhude nojakalasi

Kwasukasukela… Kwakukhona uQhude noJakalasi, uJakalasi wayebulawa indlala. Wakhetha ukuthi ake aphume kancane ayozingela, wehla njalo emhosheni, mayethi uphakamisa amehlo nali iqhude esihlahleni. UJakalasi wase uzama amaqhinga akhe wathi, “Sawubona weQhude.” Avume uQhude ngokunengeka, anwebeke athi, “Yeeeeeeebo”. UJakalasi abuze uQhude ukuthi ubengayile ngani emhlanganweni. Abuze uQhude ukuthi bekuthiwani emhlanganweni. UJakalasi amtshele ukuthi kuthiwe izilwane zingabe zisadlana. … Read more

Inganekwane yesiZulu: Unogwaja

Kwasukesukela… Kudala emandulo izilwane zisakhuluma kanye nabantu, kwakukhona unogwaja owawuhlakaniphile kunazo zonke izilwane zasehlathini. Unogwaja lona wawuzihlalela wodwa. Izilwane zehlathi zazinenkosi yazo enamandla, ibhubesi. Izilwane bezazi ukuthi ziphephile kubantu abazingelayo. Kwesinye isikhathi inkosi yezilwane yayehluleka ukunakekela izilwane uma kunesomiso ngoba ezinye zezilwane zazizifela. Bahlanganake nonogwaja ngoba kwakwaziwa ukuthi iwona wodwa ohlakaniphile futhi onamacebo amahle, bezokhuluma … Read more

Inganekwane yesiZulu: UChakijana nezinyamazane

KwesukesukelaCosiKwakukhona, izinyamazane noChakijana.Sampheka ngogozwana Ngelanga elithile kwasuka indoda yalibhekisa ehlathini ngenhloso yokugawula khona ehlathini. Ifike ke ehlathini nembazo yayo ibone umuthi efuna ukuwugawula, nebala ke iqonde kuwona bese iyaqala ke ngembazo yayo, ishaye kabili kathathu ngembazo yayo ogodweni kanti bude buduze kukhona iNtenesha. Ithe ingezwa umsindo wokugawula iNtenesha yabaleka yashiya isithunzi sayo, kanti izohlangana neMpunzi … Read more