Inganekwane yesiZulu: Indoda emfishane

Kwasukasukela, kwakukhona indoda emfishane kakhulu. Lendoda yayihlala yodwa ngenxa yokuthakatha futhi inenhliziyo embi. Langa limbe kunomsebenzi kwamakhelwane, yahamba yaya khona lendoda. Yathi uma ifika yahlala nabantu ababehleli ebhentshini. Lendoda ngobufishane bayo yayingabonakali, ukudla kunikwe abantu abaseduze nayo kuphela kuzwakale izwi elincane,”Yini ndaba ningincisha mina?” Abantu baxakeke ukuthi yini le ekhulumayo manje abayiboni. Kuhambe isikhathi uze umqombothi, “Nangincisha pho mina ngiyawuthanda umqombothi”, kusho indoda emfishane.

Babengayiboni abantu lendoda ngoba incane kakhulu. Icasuke igane inwabu lendoda ithi abafe bonke abantu ngoba badla bodwa, bafe ngempela bese iyazitika ngokudla notshwala. Ngelinye ilanga kwakunomshado kubo kwale ndoda kodwa yayingatshelwanga ngoba iyathakatha, yayikhuluma yodwa endleleni eya khona, ithi izobabulala bonkers, yaphuma yahamba yakhohlwa ukuvala umnyango. Ithe isendleleni yakhumbula ukuthi ikhohlwe isigqoko yaphindela emuva. Kuthe uma ifika ifica umnyango uvuliwe isikhohliwe ukuthi iyona eshiye ingavalanga yathi, “Ubani lo ovule lomnyango? Ngithi uba lo ovule mnyango wami? Akafe!” Yavele yafa indoda.

Cosu cosu yaphela.

Leave a Reply