Kwasukasukela, kwakukhona uNqeqe ukati wasedolobheni kanye nokati wasemakhaya. Ukati wasemakhaya wahlela ukuya edolobheni ukuze athole ipheya elisha lezibuko. Usehlangana nokati wasedolobheni esitobhini. “Sawubona wemhlobo wami kade yagcinana”, kusho ukati wasedolobheni. “Impela ayisazani”, kusho ukati wasemakhaya, noma engaboni kahle neze. Wayemangazwe ubude bamabhilidi kanye nokungaboni imvelo njengoba ejwayele emakhaya.
Ukati wasemakhaya wafaka izibuko zakhe. “Bushonephi ubuhle bemvelo?” kubuza ukati wasemakhaya. “Ayibo alukho uhlaza kanye nezinyoni lapha?” kusho ukati wasedolobheni. Waqhuba wathi, “Buka izakhiwo eziphakeme zasedolobheni, zinde kakhulu futhi zinhle kunezihlahla.” Ukati wasemakhaya wabona nje ukuthi lendawo ayimfanele yena. “Ngifuna ukuya ekhaya”, kusho ukati wasemakhaya. “Akukho lutho okuhle ngokuba semakhaya,” kusho ukati wasedolobheni. “Ufuna ukubuyela emakhaya uyobhuquza nje, udliwe isizungu”, kuqhuba ukati wasedolobheni. Ukati wasemakhaya wavele wazihleka. “Kuyomele uze uzovakasha emakhaya uzibonele wena ngokwakho impilo ephilwa khona”.
Wezwa umsindo awujwayele, wajabula kakhulu ebona ukuthi noma engekho emakhaya kodwa kukhona okusamxhumanisa nekhaya. “Buka izinyoni, umsindo wazo unokuthula futhi zinobubele,” kusho ukati wasemakhaya. “Buka nazi nezinyosi, zonake zisikhiqizela uju,” kuqhuba ukati wasemakhaya. Wathi esajabule kanjalo wabona umgqomo ogcwele udoti futhi onukayo. Lokho kwamenza abone nje ukuthi idolobha yinto engcolile futhi ngeke akwazi ukuhlala kulo. “Buka nje isicilothi size siyanuka, ngeke ngihlale lapha mina”, kusho ukati wasemakhaya. “Kahle wena ihaba, bakhona abasusa lokhu kungcola. Makuphakama ilanga kuzobe sekungenasicilothi lapha”, kusho ukati wasedolobheni.
Ukati wasedolobheni wabona nje ukuthi akukho okungashintsha umhlobo wakhe ukuze athande idolobha. Wayebeka idolobha izici nje kuphela, wayejabula kuphela uma ebona into eyimvelo. Uma kuvela into eyimvelo, izihlahla kanye nezilwane ilapho kuphela ayebona khona izinyo lomhlobo wakhe.
Wavele wazidonsela izinyawo ukati wasedolobheni ngoba wayesekhathele ukulalela umhlobo wakhe egxeka indawo ayithandayo. “Kungcono sihlukane ngezindlela ngoba asithandi izinto ezifanayo,” kusho ukati wasedolobheni. Wajabula wafa ukati wasemakhaya naye wabe esekhathele ilesi sicwicwi somhlobo wakhe. Akamlindanga nokuthi agwinye amathe wathi, “Kulungile ndlelanhle iyobuye ibonane.” Kwaba ukuhlukana kwabo okati, kwaba ilowo nalowo wazithathela indlela yakhe.
Cosu cosu yaphela.