Inganekwane yesiZulu: Izinkwa ezintathu

Kwasukasukela, kwakukhona indoda eyayisebenza ezimayini iminyaka eminingi ingasayi ekhaya. Kwathi mhla ithatha umhlalaphansi umqashi wayo uzoyinika imali engango-R5000.00 noma izinkwa ezintathu. Isinkwa ngasinye sinomumangalisokqnye kanye nomyalelo waso. Yacabanga indoda yathi, ‘kulungile mlungu wami, nginike izinkwa’. Isinkwa sokuqala umyalelo uthi ungahambi ngendlela enqamulelayo. Isinkwa sesibili noma ungahlwelwa ungangeni muzi wamuntu. Isinkwa sesithathu noma yini ozofike ukubone ekhaya ingakwethusi, wehlise umoya.

Nangempela indoda ithathe ibonge, ihambe. Kuthe isahamba endleleni ibone indlela enqamulelayo, ngokuphazima kweso ikhumbule umyalelo wesinkwa sokuqala. Iqhubeke nendlela ende kanti kule ndlela enqamulelayo kubanjwana inkunzi. Le ndoda ayinalwazi ngoba phela kade yagcina ukuya ekhaya. Kuthe isihambe ibangana izwa nokukhathala yabona umuzi okhanyayo yacabanga ukungena yaphinda yakhumbula umyalelo wesinkwa yahlala phansi yaphumula. Ithe uma yedlula yabona ukuthi umuzi okhanyayo owamazimuzimu. Kwayisindisa ukukhumbula umyalelo wesinkwa. Yahamba yaze yafika ekhaya, yathi ingena nje ekhaya yahlangatshezwa ijazi layo elithanda kakhulu lilele izinja phandle, mayithi ibheka endlini ewindini umkayo uhleli nensizwa esiyindoda nje impela.

Yafuthelana indoda iqonde endlini ithi iyothethisa umkayo. Yabe isikhumbula umyalelo wesinkwa. Yehlisa umoya, yangena endlini yabingelela kodwa ibhocobele nje. Akhale kakhulu umkayo, asukume ayange. Indoda inokucasukela unkosikazi ngale ndoda ahleli nayo emzini wakhe. Angapholisi maseko unkosikazi, atshele indoda ngendodana yabo amshiya ezithwele yona. Wayibeletha nemuva nje kwezinyanga ebhungukile.

Wavele wancibikala ubaba, wamamatheka ezibona yena uqobo endodaneni yakhe. Manje indoda icabange ukuthi ukube uthande imali ngaphezu kokululekwa ngabe usebulale umkakhe nendodana yabo futhi kwayena ngabe amazimu amudlile noma abanjwe inkunzi kuleya ndlela enqamulelayo. Ijabule kakhulu indoda ibaxoxele ukuthi umlungu wayo uyiholele izinkwa ngomhlalaphansi. Indoda ithi sezingadliwa izinkwa eziphiwe umlungu. Nangempela mazivula, mabezihlephula isinkwa sokuqala phakathi kunesheke elinemali eningi, abazophila ngayo impilo yabo yonke. Behlephule esesibili bethole ukuthi umlungu ubanike ingxenye yepulazi lakhe. Behlephule esesithathu bethole incwajana ebonga ubuhlakani balendoda bokulalela nokungathandi imali kakhulu.

Cosu cosu yaphela.

Leave a Reply