Inganekwane yesiZulu: Indoda yembongolo

Kwasuka sukela, kwakukhona indoda eyayihlala yodwa , ihlupheka kakhulu. Le ndoda yayihlala eduze nomfula owawaziwa ngezimanga, yayizihlalela nembongolo yayo kuphela yashonelwa abazali isencane kakhulu. Ngelinye ilanga yavuka yathatha izinto zayo zokudoba yaqonda emfuleni yadoba usuku lonke kodwa yangabamba lutho. Yathi ingathatha isinqumo sokuphindela ekhaya, yathi uma iphosa amehlo emanzini yabona ufishi omkhulu yabe isiphindela khona emanzini ukuyowubamba.

Nangempela yawubamba ufishi indoda, ufishi wase uthi,”Ngicela ungangibulali nginomndeni obheke mina, bengizobhekela umndeni wami ukudla, ngicela ungangibulali ngingakwenzela noma yini oyifisayo”. “Noma yini engiyifisayo?” kubuza indoda yaqhubeka yathi, “Wena ungufishi nje ohlala emanzini ungangenzelani?” Ufishi omkhulu wamcela ukuthi asho izinto ezintathu azidingayo, zizokwenzeka. Indoda yaphindela ekhaya nethemba lokuthi ufishi omkhulu uzokwenza izimanga. Yathi ihleli yazizwa ihalela inyama yathi, “Lolugqoko malungaba nenyama ngingasutha.”

Mayiphakamisa amehlo yabona ugqoko lugcwele inyama, yayidla. Le ndoda yasala namazwi amabili, isadla inyama yabindwa iqatha. Indoda yakhameka kakhulu yathi, “Uma nje leli qatha lingehla kungabancono.” Nangempela lehla iqatha kwasala izwi elilodwa. Indoda yabuka imbongolo yayo ingadli yathi, “Kungancono uma ingadla imbongolo yami.” Aphela amazwi endoda, kwabuya ukuhlupheka.

Cosu cosu yaphela.

Leave a Reply