Inganekwane yesiZulu: Imbila nomsila wayo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwesukesukela
Cosi
Kwakukhona imbila
Sampheka ngogozwana

Emandulo zonke izilwane ezazikhona ziphila zazinganayo nhlobo imisila. Lana sibala ezasekhaya nezasehlane okuyiziNja, amaKati, iziNkomo, iziMbuzi, iziMbongolo, amaHhashi, iziNgulube nazo zingenayo imisila. Ehlane zonke nje zazinganayo nalapho sibala oNogwaja, iziNyathi, iziMpunzi, iziNdlovu, amaBhubesi – kahle kahle nje zonke zazinganayo imisila namashoba eziphunga ngakho. Kuthe ngokubona lokhu uMdali wabe esecabanga ukuthi kahle kahle ngabe iliphi isu akangaqhamuka nalo ukuze izilwane zibe nemisila namashoba. Kepha ngaphambi kokuba athathe lesi sinqumo, wabona kungcono ukuthi aqale ngokwakha yona imisila. Nebala ke wabe esakha imisila emifishane kanye nemide, wakha emikhulu ngesiqu kanye nemifishane ngokwehlukana nje kwayo imisila kanye nangokweziqu zayo. Emva kwalokho wabona kungcono ukuthi abize umhlangano omkhulu wezilwane okuyiwona la ayezonikezela khona ngawo umsila loya akabe ewakhile uNkulunkulu. Kulomhlangano walibeka ngesihloko ukuthi kuhloswe ukuthi izilwane zizolanda imisila yazo kuwona futhi wakumemezela lokho.

Isimemo sezinyamazane

Emva kokuzwa isimemo sokuyolanda imisila izilwane zabe zisuka ezindaweni ezahlukene zilibangise emhlanganweni lapho zizothola khona imisila. Ezilwaneni ezaqala ukuthatha imisila kwaba iHhashi lathatha ishoba khona lizophunga ngalo izinambuzane, labe selilifaka ke ishoba lelo nebala lahlala kahle. Emva kwalokho kwabe kuyiNgulube nayo yathatha owalo umsila omfishane yazikholisa ngawo. Yathatha umsila omncane nje ngola lingafuni umsilo osindayo futhi ifuna ukukhululeka kahle ngomsila wayo. Zonke izilwane zazinikela khona emhlanganweni zihamba ngokukhulu ukujaha nokuthakasa lokhu kwazise phela zabe ziyolanda imisila yazo.

Njengoba zonke izilwane zazilibangise emhlanganweni iMbila yona yabe ihleli izineke phezu kwetshe ithamele ilanga njengesiBankwa. Izilwane zazidlula ngakuyo zilibangise kuwo umhlangano omkhulu, kepha yona ngokunqena kwayo nobuvila yakubona kungcono ukuthi ithumele ingazihambeli. Yaqala ke ngoNogwaja izama ukuthumela, yathi imbona iMbila uNogwaja yakhala kuyena ibika usizi lokugulelwa ingane, yacela ukuba uNogwaja ayiphathele umsila, nebala ke uNogwaja wavuma ukuba uzowuphatha umsila. Ithe isikhulume noNogwaja yaphinde yathi cababa yalala etsheni yaqhubeka nokuthamela ilanga. Kungakapheli sikhathi esingakanani kwabe sekulandela iMbongolo nayo eyayilubhekise ukuyolanda umsila. IMbila yabona kungcono ukuthi iphinde icele kwiMbongolo ukuthi iphinde iphathise umsila ngoba yayingamthembi umzala wayo owuNogwaja. Ngokubona iMbongolo yabe isiphinda iqala phansi futhi iciphiza izinyembezi yacela kuyona iMbongolo eyayimatasa ngokwetshisa utshani ukuthi icela ukuba iphathelwe umsila, yabika khona lokho ukuthi igulelwa umntwana, ngeke ikwazi ukuyolanda umsila. IMbongolo ngokukhulu ukungananzi lokhu yavuma ukuba izophathela iMbila umsila. Yakubeka futhi nokuthi izwelana nayo iMbila njengoba igulelwa umntwana nje, ayihlale igade umntwana lona ongaphilile, aphinde abengcono njengoba egula nje. IMbila yakubonga lokho yakuveza nokuthi ike yakhuluma noNogwaja naye imcela ukuba ayisize njengoba isotakwini nje naye uvumile ukuthi uzoyisiza.

Imbila nobuvila bayo

Zazidlula zonke izilwane iMbila yona ilokhu ithe cababa ithamele ilanga etsheni. Zonke izinhlobo zezilwane zazidlula. Ezihamba ngezisu zihuqazela, ezinezinyawo ngisho neziNyoni zazindiza ziyofuna izinsila. Kwadlula kwaze kwadlula ngisho noNwabu imbala luhamba lunwabuzela lubheke khona emhlanganweni la okubizwe khona zonke izilwane. Ngisho namaKati kanye neziNgcanga okuhlale kukwebhana kuhubhana ngalelo langa kwabe kungumshumo kulibhekise la kulandwa khona imisila. Zonke izilwane ezazidlula yayilokhu ilubekile udaba lwayo ezithebeni iMbila ukuthi igulelwa umntwana icela ukuphathisa umsila bayiphathele. Futhi zonke izilwane ngokulunga kwazo zazivuma ukuthi zizoyiphathela ngoba ziyaluzwa usizi lwayo.

Izilwane zafika kukuhle kudelile la kuthathwa khona imisila, futhi zakhetha ngokuthanda nangokufisa kwezinhliziyo zazo. IziNja zabe zikhetha imisila ezibona imihle kuzona, amaKati nawo ngokunjalo, neziNkomo neziMbongolo nazo zisina zizibethela. Zonke izilwane zazikhetha imisila ehambelana nazo futhi nelingene nesikalo semizimba yazo. IMbongolo yabe isibuyela emuva isiwuthathile umsila wayo. Indlela yeMbongolo ebheke ekhaya layo yayidlula khona la eshiye khona iMbila ithe cababa ithamele ilanga. Ngokubona iMbongolo ibuya ihlobe ngomsila wayo, iMbila yabe isincoma umsila weMbongolo, “Waze wamuhle umsila wakho Mbongolo”. IMbongolo yabe isizibongela ngokunconywa komsila wayo. Ibe isibuza iMbila ukuthi umsila yawo ebiwuphathise iMbongolo “Ngabe uphi pho?”. Ngokukhulu ukukhululeka lokhu, iMbongolo yayiphendula yathi “Umsila wakho uza noNogwaja, ulana nje ezithendeni zami ungilandela ngemuva” nebala ke iMbila yakukholwa lokho, yahlalela ethembeni lokuthi uNogwaja uza nawo umsila.

Kwathi kungekudala ngempela qhamuthushu uNogwaja naye eshaya ngomsila wakhe omuhle akazitapele wona, iMbila ithi ingambona nje ihlale phezu kwakhe ngendaba, “Usuhambe wabuya mzala wami” kusho iMbila isho kuNogwaja, naye uNogwaja avume ukuthi yebo usebuya khona ukuyolanda umsila wakhe. IMbila iwuncome nawo umsila kaNogwaja ukuthi cha nawo muhle njengoba yenze nakumalume wayo iMbongolo, abonge uNogwaja. Emva kokubonga isincomo uNogwaja abe esetshela iMbila kuthi nowayo umsila njengokucela kwayo uyeza uza neMpisi okungumalume wayo iMbila, ngaphambi kokuthi ize iphendule iMbila uNogwaja wayishiya kanjalo waziqhubekela nohambo lwakhe elibhekise ekhaya. IMbila yona yasala ibambe ithemba ngenhliziyo ukuthi cha umsila uza ngampela ngoba phela iMbongolo noNogwaja bathembisile.

Nayo iMpisi yagcina iqhamukile izihambela inganake nakwazi, ekuboneni iMpisi iMbila ayibange isabingelela nokubingelela ngoba phela inhliziyo yabe isingaphandle ilangazelele ukuthola umsila wayo. Yathi iMbila eMpisini “Malume, uNogwaja ungitshele ukuthi ungiphathele umsila njengoba kade ngicele yena ukuthi angiphathele, ube esethi kumina umsila usezandleni zakho”. Kwayithusa ke ukuzwa lokho iMpisi, yabe isiphendula iMbila ngokuthi, “Umzala wakho ukhuluma amampunge, mina angiwuphethe umsila wakho, kanti futhi ubenganginikanga ukuze ngizokuphathela wona”. Kodwa ke iMpisi ayiyilahlisanga iMbila ithemba, yayitshela ukuthi zisekhona ezinye izilwane ezizayo, zizowuphatha umsila. Ngaphambi kokuthi ihambe iMpisi yabuza ukuthi usenjani umntwana weMbila obegula ebangwa nezibi, iMbila yasho ukuthi cha useluleme impela useyaphila umqemane.

Izilwane zibuya emhlanganweni

Zabuya ngobuningi bazo izilwane zonke zidlula zineke izandla zingekho eziphethe umsila wayo iMbila, zonke zibika indaba yokuthi umsila uza nesilwane esithile esilandelayo. Nosuku nalo lwase luphela impela nayo iMbila isibona ukuthi kuya ngomtsha wendoda. Isilwane sokugcina kwabe kuyilona uNwabu oludume ngokunwabuzela, nalo laqhamuka lihlobe ngawo umsila walo omude liwufingqile ngemuva, ithe iMbila ngokubona uNwabu yalubingelela yathi kulo “Sawubona mathuthumela”. Nalo unwabo ngokukhulu ukukhululeka lokhu kwazise phela lufake umsila walo omusha ceke lwaphendula ngokubingelela sakubhuqa. Lwathi nalo, “Ubingelelwa imina malayeza” kusho lona ke uNwabu olunwabukayo lubhuquza phansi insini luhleka. Ikushaye indiva ukuhleka koNwabu iMbila kepha ibuze ukuthi ngabe uphi umsila wayo ewuphathisile. Ngokukhulu ukunganaki lokhu nokungagqiziqakala luphendule uNwabu luthi: “Zonke izilwane zithathe yonke imisila ebikhona lapha, akusekho ngisho nowodwa vo! umsila osele. Zehla zilandelana izinyembezi embulwini emva kokuzwa ikuthi imisila iphele yonke la kade itatshwa khona.

Ngokwazi ukuthi uNwabu isilwane sokugcina ebesiyolanda umsila, yabuyela emgodini yayo idangela kakhulu iMbila, phela iyona yodwa eyayinganawo umsila, ngalokho yayingeke ingaphukelwa inhliziyo. Yazisola kakhulu ngesenzo sayo sokuthumela nokuphathisa ezinye izilwane ukuba ziyiphathele umsila ngenkathi ziyotapa. Okwayilimaza kakhulu inhliziyweni ukuthi ubuvila nokunqena okwayiphuthisela ngomsila. Yingakho ke nanamhlanje zonke zinemisila yona ingenawo, yingoba iMbila yaswela umsila ngakho ukulayezela.

Cosi cosi yaphela
Yaze yamnandi indaba, siyabonga!

Leave a Reply