Kwasukasukela, kwakukhona umama mfene wayehlala ngokuthula emgedeni, ehlala nengane yakhe encane okwakuwukuphela kwayo. Njalo ekuseni wayevuka ehambe eyozingela, ashiye ingane yodwa. Wayeyishiya eyenzele amasi amaningi ezokwazi ukuwadla aze abuye. Wavuka ekuseni njengenjwayelo, wenzela ingane yakhe amasi wase yahamba, kanti unogwaja ucuthile naye ulambile. Unogwaja wayazi ukuthi imfene njalo ishiyela ingane amasi. Wayilinda yaze yayosithela, wase ehamba eyongena emgedeni, wafike wasina wazibethela emasini engane washaya esentwala waze wakhotha ubheseni wase ephuma ezihambela.
Ngesikhathi ibuya imfene yajabulela ingane kodwa yase ithuswa ukuthi namuhla ubheseni wamasi engane udliwe wonke waze wakhothwa. Imfene yethuka ngoba iyazi ingane ayikaze ikwenze lokhu, kodwa yabuye yazitshela ukuthi kushuthi ingane ibilambe kakhulu. Ngakusasa iphinde ivuke yenze njengasemihleni bese ihamba kanti nangu unogwaja ucothele ukuzoncintela ingane futhi. Ihambe ize iyosithela imfene, unogwaja ehambe ayongena emgedeni aphinde azitike ngamasi engane. Wadla unogwaja waze waphinda wakhotha ubheseni njenge njwayelo.
Ntambama abuye umama mfene, abone futhi ukuthi indishi yamasi engane yakhe ize yakhothwa, kumxake lokho ngoba ingane uma idla, idla kakhulu kube ngathi ayikaze idle lokhu kusile. Imfene icabange ukuthi khona odla amasi engane yayo. Umama mfene waba necebo lokubamba lo odla ukudla komntanakhe mayengekho. Kuse ngakusasa yenze njengasemihleni mase ihamba nangu unogwaja ecuthile kanti akazi ukuthi umama mfene usembophele amanqina enyathi wazenza ohambayo kanti naye uyocutha. Unogwaja ugxume ushone khona emgedeni bese eyaqala azitike ngamasi, uthe esakhe izinkezo ezimbalwa wabe esengenile umama mfene wathi, “Yaaaa! Ngakubamba nogwaja kanti nguwe lo olambisa ingane yami? Namuhla ngifuna ukukufundisa isifundo!” Washo esondela kunogwaja. Wabona unogwaja ukuthi namuhla inhlanzi ishelwe ngamanzi, ubanjiwe.
Unogwaja ngokuba usomaqhinga, acabange icebo ngokushesha, abone idwala elikhulu, agxume alibambe bese ethi, “Woza phuthuma mama mfene, woza uzongibambisa iyawa indlu!” Igxume imfene nayo iphushe lelo dwala eliphushwa unogwaja, ikhiphe wonke amandla. Unogwaja athi, “Bamba kanjalo, mina ngizophuthuma ngiyofuna into yokusekela ngaphandle.” Imfene iphushe kakhulu ngoba isiyodwa. Idedele unogwaja eyophuma ngomnyango kanti sekuwukubaleka kwakhe. Kuhambe isikhathi, imfene ibambe idwala unogwaja akabuyi, ikhathale imfene. Yelule isandla ibambe ingane iyijwibe emnyango, ngemuva kwalokho yalandela, yagxumela emnyango. Yabheka emuva imfene ibheka ukuthi umgede uyawa yini. Lutho ukuya phansi umgede, ibidlala amaqhinga kanogwaja. Icasuke kakhulu ikhulume yodwa ithi, “Izintaba azihlangani kodwa abantu bayahlangana, siyodibana nonogwaja!”
Cosu cosu yaphela.