Inganekwane yesiZulu: UChakijana nezinyamazane

KwesukesukelaCosiKwakukhona, izinyamazane noChakijana.Sampheka ngogozwana Ngelanga elithile kwasuka indoda yalibhekisa ehlathini ngenhloso yokugawula khona ehlathini. Ifike ke ehlathini nembazo yayo ibone umuthi efuna ukuwugawula, nebala ke iqonde kuwona bese iyaqala ke ngembazo yayo, ishaye kabili kathathu ngembazo yayo ogodweni kanti bude buduze kukhona iNtenesha. Ithe ingezwa umsindo wokugawula iNtenesha yabaleka yashiya isithunzi sayo, kanti izohlangana neMpunzi … Read more