Kwasukasukela, kwakukhona ubaba, intombazane kanye nomama. Langa limbe umama wagula washona, ubaba wasala nengane yentombazane.
Ubaba waqhubeka nempilo wathola omunye unkosikazi, waganwa futhi. Lo baba waganwa ikati lentaba elalinengane yentombazane. Ikati lentaba lalithatha izimpahla zale ntombazane ezinhle, lizinike ingane yalo. Intombambazane kamkhwenyana walo eyinike ezingamadabudabu, ezigugile.
Langa limbe intombazane ihambe iyolusa izinkomo, yahlala phansi yakhala, ikhumbule umama wayo. Inkomo yayibona yaqonda entombazaneni yabuza, “Yini, ukhalelani?”
Yaphendula intombazane: “Ngilambile, angidlile.” Inkomo yagobisa ikhanda kwawa uphondo, intombazane uma ithi iyabheka yabona izibiliboco yadla. Yathi ingaqeda ukudla yaluphindisela uphondo intombazane. Njalo nje uma ilambile intombazane yayiya enkomeni, ifike idle. Ikati lentaba selinokumangala ukuthi kungani intombazane isihlala ijabule futhi isuthi.
Kwasuka umona, lathuma ingane yalo ukuba ibheke ukuthi yini le etholwa intombazane ekweluseni. Yabuya yasho ingane ukuthi inkomo idekela intombazane itafula ophondweni. Lo mama wathi inkomo kufuneka ihlatshwe, idliwe. Intombazane izwe ukuthi inkomo izohlatshwa, yahamba yayoyitshela inkomo.
Yathi inkomo, “Uwaqoqe onke amathambo ami uwaphose ezaleni uma isidliwe inyama yami.” Nangempela yawaphosa ezaleni amathambo njengokusho kwenkomo, kwavela imbali. Imbali yaqhubeka nokupha intombazane ukudla, yayihlephula icembe kuvele itafula lokudla.
Lakubona lokho ikati lentaba, lavuka umona, layikha imbali layiphosa emfuleni. Kwavela ufishi nawo udekela intombazane. Lacasuka kakhulu ikati lentaba lahamba layodoba lowo fishi, lawuphekela isidlo sasebusuku. Bathi mabedla ufishi umama nengane yakhe babanjwa ithambo bafa.
Cosu cosu yaphela.