Inganekwane yesiZulu: Umlingo wenduku

Kwasukasukela, kwakukhona umfana osemncane ephethe, eyiNkosi esigodini. Wayephila kahle futhi enakekela isigodi sakhe ngomlingo wenduku, ayinikwa uchakide. Lo mfana wayebusa kahle kodwa kwahamba isikhathi kwaba nezinkinga ngoba abantu babethembele kuye njengomholi wesizwe. Babenezidingo eziningi futhi ezingapheli. Umfana wacabanga isu lokubabulala kodwa esaba ukuthi kungase kushabalale konke ayesenakho.

Umfana wahamba wayovakashela iNkosi yakwesinye isigodi eyocela izeluleko kuyo ngoba wake wayixoxela ngomlingo wenduku omphilisa kahle nesizwe sakhe. Wathi esendleleni wahlangana nonwabu olunomona, lwamcasula kakhulu ngokumvezela imibala. Umfana wabuyela emuva ecasuke egaya izibozi ngoba uhambo lwakhe lwamosheka. Watshela induku yakhe ukuthi ayibulale konke okuhlobene nonwabu ngisho abantu abakhelene nalo. Kwafika amanye amasosha omunye umbuso wakwezinye izigodi ehamba nochakide owamunika induku yomlingo.

Wazama uchakide ukulamula kodwa wahluleka.  Umfana wabulala wonke umuntu ngomlingo wakhe. Amasosha nawo ehluleka ukunqanda umfana ngoba wayenamandla kakhulu uma ephethe induku yakhe. Ngesikhathi umfana evika amasosha wawisa induku yashaya phansi kwavele kwashabalala konke nombuso waphela.

Cosi cosi yaphela.

Leave a Reply