Inganekwane yesiZulu: Indoda yesikhwama semali

Kwasukasukela, kwakukhona indoda eyayidakiwe isazoba nohambo. Yahamba yayogibela ibhasi esitobhini, isiyozela injalo. Yathi nje ingahlala phansi yazithinta amakhokhi, yabona ukuthi isikhwama sayo semali silahlekile. Yazama ukuziqoqa kanye nokuziqinisa ukuze ikwazi ukuma noma izidakelwe. Yasukuma yathi, “Yeyi nina! Nonke enilapha masela ndini, ngifuna isikhwama sami semali, ositshotshile akaziveze manje.”

Yakhombisa ukuzethemba indoda ngokusho lamazwi abagibeli ebhasini ababinanga ngokuthi ukhulunyiswa nayisibindi sokudakwa. Bethuka, bathula bayibuka le ndoda. Yanele ukubona ukuthi akekho ophendulayo yaqhubeka yathi, “Othathe isikhwama sami akasilethe, angifuni ukuphindela ejele.” Kwathi cwaka isikhashana ebhasini, babona ukuthi lendoda iyingozi ngempela, ayikhulumi nje kuphela. Bethuka ngokudlulele bonke abantu ebhasini, babefisa osithathile aphumele obala.

Babebona kahle ukuthi zizofa ngamvunye ngoba indoda yayithukuthele igane unwabu. Owayesithathile wasibuyisela ngokushesha, yabonga indoda. Lona owayesithathile wayezibuza ukuthi ejele wayezobuyiselwa ukumshaya noma ukumbulala. Iyodwa indlela yokuthi azi, ukubuza yona le ndoda. Sibindi uyabulala, sibindi uyaphilisa, kusho owayethathe isikhwama.

Waqunga isibindi wayibuza le ndoda ukuthi yini ibizoyibuyisela ejele. Yaphendula indoda ngokukhulu ukuzethemba: “Bengizohamba futhi ngiyoxoxela umngani wami osejele ngesigameko esesiphinde sangehlela ngoba bekuzobe kungaqali ukuthi ngilahlekelwe isikhwama.” Bavele baphela insini abagibeli ebhasini.

Cosu cosu yaphela.

Leave a Reply