Inganekwane yesiZulu: UMpukane

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasuka sukela, kwakukhona umfana ogama lakhe uMpukane. Esigodini lapho kuhlala khona lomfana kwakukhona iNkosi yesizwe eyayicebile. Langa limbe yalahlekelwa isikhiye segolide. Isikhiye segolide kwakungese putumende lapho kwakukhona bonke ubucwebe beNkosi. Yakhipha isimemezelo esizweni ukuthi ozoyitholela ukhiye wayo uzothola umklomelo omkhulu. Kuthe elule izinyawo, evakashele kwamakhelwane weNkosi uMpukane wezwa izalukazi zihleba ngokhiye weNkosi olahlekile. UMpukane eyizwe lendaba, ehobile izalukazi ezikhulumayo zingamboni. Kube khona isalukazi esikhuluma nomakhelwane waso sithi, “Makhelwane angazi ngizosho kanjani ukuthi lokhiye ugwinywe idada leNkosi elimhlophe.”

Omakhelwane abangenelani neNkosi ngenxa yokusolwa ngokuthakatha. Ngemuva kokuba uMpukane eselizwe lonke iqiniso, acothome kancane, kungezwakali nokunyathela kwakhe aze ayophuma esangweni zingamuboni izalukazi. Kuhambe isinzuku. Emva kwezinsukwana iNkosi ibize zonke izangoma zesizwe ukuba zizoshaya umhlahlo. Zonke izangoma zashaya eceleni nje, lutho ukutholakala ukhiye weNkosi. UMpukane ezwe ukuthi ozoveza noma ozobhula lokhiye uzoba yisicebi. Wacabanga uMpukane ukuthi engakuveza kanjani akuzwe kukhulunywa izalukwazi. Wanquma ukuthatha ishoba likagogo wakhe owayeyisangoma, waqonda khona emzini weNkosi.

Zibhule zonke izangoma zehluleke, wangena uMpukane kwabubula kakhulu, ebavumisa bonke abantu. Wathi uyobona yena ukuthi ukhiye ukuphi, “Ukhiye weNkosi ugwinywe yidada elimhlophe lalapha ekhaya. Vumani bo!!” Nangempela iNkosi ithumele izigijimi zayo zililande idada elimhlophe zililethe kuMpukane walibulala wawukhipha ukhiye phakathi. Yajabula kakhulu iNkosi yakhipha umklomelo njengokwethembisa kwayo, yakhipha izinkomo eziningi kanye nezimbuzi. Waba isicebi endaweni uMpukane.

INkosi yabe isimkhonze kakhulu uMpukane, wawungafunga ukuthi uyinduna noma iphoyisa leNkosi. INkosi uma iyothamela imihlangano yayiphelekezelwa uMpukane. Kuthe ngelinye ilanga iNkosi ihamba noMpukane, yathi akengihlole ukuthi uMpukane usabona yini. Yathi iyaqalaza eceleni kwayo ulele ufeleba onguMpukane, izwa sekuthulekile lapha emotweni. Ithule icabange ukuthi izomuphani lo mfana uma engayitshela ukuthi yini lena esesandleni.

Ngemuva kwesikhathi yamuvusa iNkosi uMpukane yathi, “Ndodana uma ungangitshela ukuthi yini lena engiyifumbethe esandleni ngizokunika ezilishumi izinkomo.” Wajuluka wamanzi te uMpukane, inhlanzi yashelwa ngamanzi. Uvalo lwamshaya lwameqa enokuphoxeka ukuthi emuva kwesikhathi esingaka ezenza isangoma engesona namhlanje aphelile amaqhinga ngoba wayengazi ukuthi yini lena esesandleni seNkosi. Wavele wathi, “Wabanjwa Mpukane!” esholo phansi. Yethuka iNkosi futhi yakholwa ukuthi uMpukane uyisangoma ngempela, yayidedela impukane esesandleni yandiza. INkosi yamunika futhi izinkomo, imali kanye nezimbuzi waqhubeka waba isicebi uMpukane.

 Cosu cosu yaphela.

Leave a Reply