Kwasukasukela, kwakukhona uNtandane noNtandose kanye nomama kaNtandose. Umama kaNtandane washona, wanyengudadewabo kamama kaNtandose. Ngelinye ilanga umama kaNtandose wayehambile eyotheza ehlathini lebhubesi ezwile ukuthi izinkuni zakhona zitholakala kalula futhi zomile. Wahamba wayotheza wathi esetheze waqeda qhamukiyane ibhubesi esabopha inyanda yakhe wethuka, lwameqa uvalo.
Lakhuluma ibhubesi lathi, ”WeNkosikazi kusho bani ukuthi theza ehlathini lami?” Waphendula umama, “Akushongo muntu, bengizihambela nje ngifuna izinkuni ezomile, ngazithela kuzo kuleli hlathi lakho, ngiyaxolisa Nkosi yami.” Lahleka inhlinini ibhubesi, libhuqa futhi licasukile. Lakhuluma ngokucasuka lathi, “Mina ngiyiNkosi yezilwane hhayi eyabantu, hamba lapha ngingaze ngikudle”. Umama wasuka ngokushesha, wabonga, esethi useyahamba ibhubesi lathi akame, lase lithi kuye, “Uma ufika ekhaya ungithumelele ingane yakho eyodwa ozokhokha ngayo izihlahla zami ozithezile.”
Umama wavumela phezulu ngoba wayesefuna ukusuka phambi kobuso bebhubesi. Laqinisekisa ibhubesi ukuthi umama uma efika engenzi njengesivumelwano, liyovakashela kwakhe liqothe imbokode nesisekelo. Labuza umama ibhubesi, ”Le ngane ozongilethela yona ngizoyibona ngani?“ Waphendula umama, “Izobe igqoke imvunulo ebubede ihamba namanye amantombazane, ngizofike ngibathume amanzi lapha ehlathini lakho,” kusho umama. Lajabula ibhubesi. Wathi efika ekhaya wakhala ngokuthi womile umama futhi ukhathele kabi wahlala phansi.
Umama wabiza uNtandane, “Ntandane! Ntandane! Mntakadadewethu, aniphuthume niyokhelela amanzi namanye amantombazane.” Akazange enqabe uNtandane, wathatha imbiza wahamba. Ephuma uNtandane umama wancoma ubuhle bemvunulo yakhe ebubede wabonga uNtandane. UNtandane noNtandose bathatha izimbiza zabo bayocela amanye amantombazane ukuthi behambe beyokha amanzi ngasehlathini lebhubesi, avuma amantombazane. Ayehamba egigitheka, ecula izingoma ezimnandi.
Kwathi uma befika phakathi nehlathi lebhubesi kwazwakala uNtandose ethi, “Ntandane ngicela sishintshisane ngezimvunulo wena ugqoke eyami, mina ngigqoke eyakho.” Ashintshana onke amantombazane ngemvunulo angafana nangesikhathi ephuma emakhaya. Bathi bephakathi nalo sebeyoliqeda ihlathi qhamukiyane ibhubesi ngodlame lafika lahlwitha uNtandose kuhle kokhozi maqeda labaleka naye. Amantombazane akhala ubumayemaye, ebalekela emakhaya. Afike abika udaba oluwehlele ehlathini.
Cosu cosu yaphela.