Inganekwane yesiZulu: Umgexo wezimanga

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasuke sukela, kwakukhona iNkosi eyayibathanda abantwana bayo kanye nesizwe sayo. Kwathi ngelinye ilanga, umfana owayelusela iNkosi wangafika. INkosi yanquma ukuthi kube ngabafana bayo abazoyokwelusa ngalelo langa. Nangempela abafana bazikhiphe izinkomo zikayise, bazelusele endaweni eyayibukeka iyinhle, ilihlathi futhi inotshani obuningi.

Zathi zizitika izinkomo, abafana bahlala phansi baphumula emthunzini owawushaya umoya omnandi. Umfana ongumagcino yena athi usayozikhulula. Wangena kancane ehlathini umfana waze waphumela echibini elaliphakathi nehlathi. Waqoshama wazikhulula, waqeda wayobhukuda.

Wathi ephuma wazithela phezu komgexo omuhle ubekwe phezu kwetshe. Wasondela umfana, wawuthatha wagijima ngelikhulu ijubane eyokhombisa abafowabo. Nangempela wathi engafika kubo, wabatshela ngomgexo awuthole etsheni. Kwathi besadidwe umgexo, wethuka umfana omdala, ebona izinkomo zigwiliza emanzini zivele ngamakhanda.

Basuke bethi bazama ukuzehlenga, umagcino yena wagijima ngelikhulu ijubane eyobika ekhaya inhlekelele esibehlele. Wathi engena ekhaya akangapholisa maseko, washo ngezwi elinesibibithwane, “Izinkomo ziyaminza echibini.” Akekho owabuza omunye, baphuma belandelana beqonde emadlelweni, belandela umagcino. Baphuthuma abantu beyokwelekelela beholwa iNkosi phambili. Umagcino wayelokhu ebambe umgexo kwesokudla.

Bathi bengafika lapho bekuluselwe khona, ichibi lase limboze konke kungasabonakali ngisho ihlathi. Abafana babengabonakali nangokhalo. Abantu bababaza umhlola owenziwa ichibi. Ichibi laphenduka ulwandle lagubha amagagasi. Emuva kwalokho kwasuka esikhulu isiphepho, amanzi acweba kwaphuma izwi elikhulu echibini, “Ngibuyiseleni umgexo wami, uligugu kimi”, kusho izwi lindondoza. Yashweleza iNkosi, ibuza ukuthi ngabe ubani lo, osegwinye umhlaba wokhokho, wagwinya amahlathi, imihlambi, kanye nabafana bayo na? Laphendula izwi, “Uthi ngingubani?” libuza ngokukhulu ukucasuka. Yaxolisa iNkosi ngoba isibona ukuthi lelizwi licasuka mawala.

Wasondela umagcino weNkosi ephethe umgexo kwesokudla, wamemeza ezisola ngokuthatha umgexo, exolisa. Isiphepho sama nechibi lawamisa amagagasi. Kwavuleka indlela engena echibini, izwi litshela umfana ukuthi akangene. Yize ayesaba, waqunga isibindi efuna ukusindisa abafowabo.

Wathi ephakathi nendawo, lamboza ichibi umfana. Bonke ababengaphandle bathwala izandla ekhanda, bekhala bonke sebefuna ukuziphosa beyolanda umfana. Amanzi amkhiphela ngaphandle esephelelwe ngamandla umfana. Kwabe sekuba ukucweba kwalo ichibi. “Buyelani emizini yenu,” kusho izwi.  Abantu bahlehlela kude nechibi lase lihlanza umfana omdala kanye nezinkomo.

Cosu cosu yaphela.

Leave a Reply