Inganekwane yesiZulu: Ibhece lezimanga

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona intombazane eyacela ukuyogana kunina. Wavuma unina wathi, “Hamba mntanami, uma ufika emzini ungangeni endlini esindwe ngobulongwe bezinkomo kodwa ungena endlini esindwe ngobulongwe bezinkukhu.” Nangempela ihambe intombazane ifike ingene endlini esindwe ngobulongwe bezinkukhu izwe iphunga iphume ibaleke inyela okusindwe ngobulongwe bezinkomo. Ifike ihlale, ithi isahlezi kungene inyoka enkulu iphume ibaleke intombazane iye kubo. Ithi isahleli ekhaya kubo iqhakule inyoka umama walentombazane ayibone. Umama wapheka ipharishi wathela inyoka, impilo yaqhubeka.

Kwathi ngelinye ilanga umama nendodakazi behambe beye ensimini babone ibhece elikhulu. Umama walibuka walithanda wathi kumntanakhe, “Khana lelibhece khona sizofika sipheke ekhaya.” Mayilithinta ibhece livele likhulume lithi, ”Wangikha nami ngiyakukha.” Luyeqe uvalo intombazane, yesabe itshele unina, ethi unina, “Uhlushwa amanga nje wena akukho bhece elikhulumayo.” Umama afike alikhe ibhece bahambe nalo bese ethi unina, “Lipheke lelobhece.”

Uma nje ithi iyalithatha intombazane likhulume futhi ibhece, “Wangithatha nami ngiyakuthatha.” Atshele unina, athi unina: “Yeka uma ungafuni, ngizolipheka mina”, alithathe aliklabele alifake ebhodweni aphume athi “Usale ukhwezele lapho.” Nangempela isale intombazane ikhwezele liphume ibhece liyiklabele intombazane liyifake ebhodweni liphume lizigigqikele laphaya emseleni. Umama abuye afike akhwezele, ethi uvula ibhodwe abone ingane yakhe. Wakhala kakhulu ekhalela umntanakhe. Uma ebheka emseleni kuqhamuke amabhece amaningi, amshaye aze ashone.

Cosu cosu yaphela.

Leave a Reply