Inganekwane yesiZulu: INkosikazi yamadoda amabili

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona umama owayenamadoda amabili, enye yayisebenza eGoli enye isebenza eThekwini. Lo mama wayethanda le esebenza eGoli kakhulu. Bobabili nale ethandwayo babopha uzungu lokubulala le esebenza eThekwini. Bamba umgodi omkhulu abazoyiphosa kuwo. Bayibopha izandla nezinyawo bathi bezama ukuyiphosa kwaphoseka umfazi yabaleka le esebenza eGoli yasala indoda phezu komgodi. Wamemeza umfazi emgodini, “Dali Dali! Ngicela ungikhiphe.” Yaphendula indoda, “Dali ngiboshwe izandla nezinyawo, angeke ngikwazi ukukusiza.”

Yafa indoda yafela phezu komgodi nomfazi wafela phakathi emgodini. Indoda yaseGoli yasala nengane kankosikazi ofile. Yaqhubeka nempilo indoda esele, yaganwa. Yaganwa ichide elazala amachithe odwa. Ngelinye ilanga kwamenyenzelwa ukuthi umfana weNkosi ufuna ukukhetha intombi endaweni. UNkosikazi wathi lo ozalwa umfazi omdala akayi ekukhethweni kwentombi yeNkosi. UNkosikazi wageza amachithe akhe bahamba kwathiwa lo akasale akhwezele izinkobe eziko, agaye umcaba.

Nangempela bahamba, kuthe esahlezi nje egcwele umlotha kwazise uyakhwezela, uyavuthela, kwaqhamuka izwi emsamo lathi ‘thatha induku ushaye emsamo’, wayithatha. Yenza kanjalo intombazane, kwaqhamuka ingubo enhle nezicathulo. Izwi lamyalela ukuthi igeze iye la okukhethwa khona intombi. Nangempela wahamba wathi eqhamuka nje yakhangwa ubuhle bakhe iNkosi. Yamkhetha ukuthi abe umakoti wayo. Yethuka intombazane, yabaleka kanti kuzosala isicathulo. Yagijima yafika ekhaya yazibhixa ngomlotha yabeka ingubo emsamo yanyamalala.

Yayingafuni intombazane ukuthi ichide lazi ukuthi ibikhona okhethweni. Wabuya umamncane wakhe nezingane zakwabo. Bamxoxela ngobuhle bentombi ekhethwe iNkosi. Bamtshela nokuthi kodwa ibalekile. Babengazi ukuthi bakhuluma naye uqobo umakoti okhethwe iNkosi. INkosi yakhipha isimemezelo sokuthi izohamba ingena umzi nomzana ilinganisa amantombazane isicathulo ukuze ithole umakoti wayo. Yahamba yaze yafika kubo kwamachide alinganisa nawo, angalingana. Yathi iNkosi, lethani naloya oluthuthuva ezolinganisa. Umamncane wentombazane wala waphetha kwasho khona ukuthi alikho izwi eledlula eleNkosi. Wabizwa walinganisa naye, samenela isicathulo wathi umfana weNkosi, “Nangu ke umakoti wami.” Asho kanyekanye amachide, “Ubengayile lo!”

INkosi ayikugqizanga qakala lokho, yalobola kwashadwa. Kwathi ngelinye ilanga intombi isishadile isikhathi eside impela yezwa ikhumbule ekhaya yacela ukuvakashela ekhaya. Wavuma umfana weNkosi, kuthe uma esefike ekhaya eselele umamncane wakhe waphathwa umina, wamkopolota iso elele. Waphaphama eselichide. Yavuka yalibangisa emzini intombazane. Yathi ifika nje wabuza umfana weNkosi, “Makoti udliwe yini iso?” ebuza ngokwethuka. Iphendule intombazane, “Ngoniwe umamncane, ubefuna ngifane nabantwana bakhe.” INkosi yaqhubeka yamthanda kakhulu umkayo, waphoxeka umamncane ebona ingabuyi emendweni intombazane eseyenze ichide.

Cosu cosu yaphela.

Leave a Reply