Umbhushu uphekwa ngenxube yempuphu nobhontshisi. Lesi sidlo siphekwa ngobhonshisi onsundu noma obomvu kuphela. Esikhathini samanje umbhushu udliwa abantu abasabathayo ngoba uyadleka noma ubanda. AmaNazaretha ayawupheka ngoLwesihlanu, awudle ngeSabatha (Mgqibelo) imini yonke.


Izithako
- Impuphu
- Amanzi
- Iswayi
- Amafutha
- Ubhontshisi
Indlela yokwenza:
Ubilisa ubhontshisi kuze kube uyathamba. Ufaka amafutha neswayi kubhontshisi kugxabhe ndawonye kuze kube amafutha neswayi kungena kahle kubhontshisi. Ufaka impuphu, ubonde sakupheka uphuthu. Impuphu uyikala ngohlobo owuthanda ngayo umbhushu. Ungafaka kakhulu impuphu uma ufuna oluhobe, noma uma ufuna oshubile isikali sempuphu siba sincane. Ugovuze, uqinisekise ukuthi ayikho impuphu esala phansi futhi ubhontshisi uhlangene ngokwanele nempuphu. Uvala ibodwe ulokhu ubuyelile ubonda kuze kuba impuphu iyavuthwa.
Umbhushu oluhobe udliwa netiye noma nesishebo kodwa oshubile uyadliwa wodwa.