Isithubi siphekwa ngobisi, umthubi kanye nempuphu. Umthubi ubisi lwenkomo esanda kuzala.
Ubisi lwenkomo oluphekwa kuvuvuzelwe impuphu. Isithubi imvamisa sidliwa abafana kuphela.
Izithako
- Umthubi (ubisi)
- Impuphu


Indlela yokwenza
Uma ufuna ukupheka isithubi esehla esiphundu landela lendlela engezansi. Izitsha kanye nebhodwe olisebenzisayo qinisekisa ukuthi kuhlanzekile ngaso sonke isikhathi, ukwenza njalo uzopheka ukudla okunempilo futhi okungenawo amagciwane.
- Ubilisa umthubi.
- Uma sekubila ufaka impuphu ubonde kuze kube kuyahlangana saphuthu.
- Isithubi siphekwa imizuzu ingeqi kwengu-35.
- Usephula uma sesihlangene kahle uphake sisashunqa.
Isithubi ungasidla sisafudumele noma sesibanda. Isithubi simnandi kakhulu uma sifudumele.
Lesi sidlo asilali, sidliwa siqedwe ngosuku esiphekwe ngalo.