Akasisike kwelijikayo, sibuyele emasisweni, sidla ngoludala ngokudla kwesintu okwakudliwa ngokhokho bethu. Obabamkhulu bethu babedla, beshaye esentwala ngokudlwa ababekupheka kwehle esiphundu. Kulokhu kudla singabala amasi, ujeqe, uphuthu, ubhontshisi, imfino, isijingi, izinkobe, amadombolo, amatabunga, izinkobe, isinkwa sombila, isitambu, idokwe (iyambazi),umcaba, isigwamba, incwancwa njalonjalo.
Ukudla kwesintu kuyadliwa kungonakele lutho kungadliwa ngenje sidlo sasekuseni, sidlo sasemini kanye nesidlo sakusihlwa. Ukudla kwesintu kuyaphekwa uma kwenziwa umsebenzi, kubekwe emsamo, kube isithebe sabaphansi. Kuvanywe ukusetshenziswa ukudla kwesintu ukwenza isithebe sabaphansi ngoma okhokho abandulela isizwe samanje bedlula emhlabeni bazi ukudla kwesintu.
Ukudla kwesintu kwehlukene izindlela eziningi, okunye kuyaphekwa kungaxuntshwa nalutho kanti okunye ukuxuba nokuthile ukuze kuphume ulozolo lwesidlo, isibonelo uphuthu lungaphekwa lodwa kodwa isigwaqane sidinga uphuthu nobhonsthisi ukuze sikhiphe isidlo esithile. Ukudla ngakunye kungakhipha ukudla okuhlukene, isibonelo umbila ukhipha impuphu, izinkobe, sinkwa sombila kanye nefutho.
Lokhu kudla kuyehlukana izikhathi okuba khona ngazo noma izikhathi zonyaka okuba khona ngazo, isibonelo umbila uqala ube ifutho ngaphambi kokuba wome wenziwe izinkobe. Ukudla kwesintu kunedlela okuphakwa, kudliwe ngayo hhayi ngoma isimanje manje sesiphakela ezitsheni amabhawuli (bowl) kanye namapuleti. Kunamaresiphu kanye nendlela okuphekwa ngayo ukudla kwesintu, isikhathi sokuhlala emlilweni noma esitofini singehluka kuye ngokuthi usebenzisa ini uma upheka.
Isimanje
Nakuba kukhona ukudla kwesintu isizukulwane samanje sikupheka ngendlela yesimanje,ithako ziyafana kodwa ziyengezwa ngezesimanje, isibonelo ithanga selenziwa isaladi, isitambu sesiphekwa sibe nokhilimu. Isigwamba sibizwa ngepapa.
Asibonge Mnewethu 🙏