Ubumba akusilo nje udaka kuphela, lunomsebenzi omkhulu wokubumba izitsha. Ubumba lutholakala eduze komfula, kwesihosha, noma eduze kwesiphethu lapho kuba khona amanzi khona.

- Udengezi lubunjwa lube yisibaca ukuze luzokwazi ukusetshenziswa uma kuthoswa, luphinde lusetshenziswe uma kushiswa impepho ekhaya, okuyilapho kusetshenziswa khona udengezi olunofa noma oluphuke lusetshenziswa bese lwenziwa udengezi lokushisa impepho.
- Udiwo wuhlobo oluthile lokhamba lokubeka kahle amasi, oluphinde lusetshenziswe futhi uma ephuzwa amasi.
- Ukhamba lufana nodiwo kodwa lufaka utshwala. Ukhamba lwakhiwa ngokubunjwa lube yindilinga bese luba nesinqe sokuhlala olwenza lukwazi ukuzimela lodwa lungawi. Lapho kwenziwa ukhamba, umbumbi ufike alubumbe bese elufaka eziko lushe yikhona luzoqina. Ngemva kwalokho lube selufakwa umlotha lomiswe lushaywe wumoya yikhona luzoba sesimweni sokuthi selungaqala ukusetshenziswa.
- Ikhanzi wukhamba okuphekwa ngalo ekhaya.
- Umancishana wukhamba oluncane lokufaka utshwala. Umancishana lona kuba wukhamba lokugcina oluphuma uma kade kukhona umcimbi noma umsebenzi wesintu. Kulindwa buze buphele bonke utshwala ekhaya egcekeni bese ke uyasala umancishana uphuzwe ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokuba usuphelile umsebenzi. Abanye ke babiza umancishana ngokuthi wukhamba lwasekhaya ngoba phela umancishana akusiwo owokuphuzwa yibandla.
- Imbiza wukhamba olukhulu okuphekelwa kulo kanti futhi kuphinde kuthi uma kugayiwe ekhaya kuvovelwe utshwala kulo.
- Umcakulo wukhamba olunomlomo ovuleke kakhulu okudlelwa kulo ukudla.
- Umcengula wukhamba olunesinqe esingashonile phansi okudlelwa kulo.
- Umkhele wukhamba lokuphuzela olunomlomo omkhulu, okuyiwona owenza lube wukhamba lokuphuzela utshwala olujwayelekile.
- Ingcazi wukhamba olunomlomo omncane olusetshenziswa ukubeka amanzi, kwesinye isikhathi kugcinwa kulo utshwala uma izinkamba zotshwala zigcwele.
- Isanqulo wukhamba olukhulu lokufaka utshwala, lusetshenziswa kakhulu uma kukhishelwa ibandla utshwala esibayeni ukuze kungalokhu bukhishwa ngamancozuncozu.
- Isikhamba wukhamba okudlelwa kulo amasi, indlela olwakhiwe ngayo luba nomlomo omkhulu.
- Isikhangezo ngesezingane esisetshenziswa ukuziphakela uma zidla amasi, phela zona azidleli okhambeni lwabantu abadala.
- Isiyoco wubumba lokuthosa. Singasho nje sithi yipani lakwaZulu lokuthosa ngoba phela emandulo insimbi ibingekho le osekwenziwa ngayo ipani namhlanje.
- Isoco wukhamba lokupheka olume lwaqonda.
Lezi zimpahla ezibalwe lapha zingezinye zalezo ezisetshenziswa ekhaya ukwenza, ukulungisela kanye nokubeka ukudla kugcineke kahle ukuze kungonakali, futhi ziyasetshenziswa nalapho kuphakwa.