Izimpahla zokudlela ezibunjwe ngobumba

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ubumba akusilo nje udaka kuphela, lunomsebenzi omkhulu wokubumba izitsha. Ubumba lutholakala eduze komfula, kwesihosha, noma eduze kwesiphethu lapho kuba khona amanzi khona. Lezi zimpahla ezibalwe lapha zingezinye zalezo ezisetshenziswa ekhaya ukwenza, ukulungisela kanye nokubeka ukudla kugcineke kahle ukuze kungonakali, futhi ziyasetshenziswa nalapho kuphakwa.