Ukudla okwenziwa ngombila

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Umbila yisitshalo esingenziwa ukudla okuningi okuhlukene. Singabala izinkobe, isinkwa sombila, ugume, isitambu, impuphu nokunye okuningi.

  • Isitambu – Isitambu ukudlwa okwakhiwa yigxube yombila ogqakaziwe kanye nombontshisi: cofa igama isitambu ukuthola iresiphi yokupheka isitambu.
  • Impuphu – Impuphu itholakala ngokugaywa kombila owomile, yenza ukudla okuningi: cofa igama lapha ukuthola ukudla okuphekwa ngempuphu.
  • Izinkobe – zenziwa ngombila ogcinwa enqolobaneni noba emasakeni. Bekomiswa umbila uma sewomile, uhululwe ufakwe eziko ubiliswe uze uthambe/ uvuthwe. Izinkobe bezidliwa ngendlela engafani, abanye bebezidla neswayi, noshukela kanti abanye bebengazifaki lutho.
  • Ugume – ummbila oqothiwe (ogayiwe), wenziwa impuphu eyomile. Ububa wumphako omuhle kabi kubantu besilisa abahamba amabanga amade, ngengoba ubusuthisa futhi uhlala esiswini.
  • Umbhaqanga – uma kuphekwa kucwiliswa ummbila bese ufithizwa kodwa ungacoyiswa, bese ufakwa esikhambaneni ubekwe elangeni ukuze ushise. Emva kwesikhashana lenhlaba iyagaywa inyenyezwe yenziwe izicaba. Mase iyabunjwa iphekwe ngokugcanywa phezu komhlanga ophuliwe waba mfushane (oyisithebe). Uma usuvuthiwe uhlanganiswe ngophini.
  • Umcaba wombila – umbila uma sewomile, uhululwa ehlezeni bese uphekwa isikhathi eside uthambe. Uma lowommbila usulungile uyagaywa etsheni bese uyasuswa/uphalwe uma usugayeke ngokwanele. Uyathathwa ufakwe esitsheni esiyimbenge noma ubheseni. Kuyaye kugaywe kubekuningi ngoba kufanele kwenele umndeni wonke uma sekudliwa. Umcaba kwenziwa ngowo amasi.
  • Umcaba wamabele – mabele omileyo, ayabhulwa, ahlungwe bese eyasefwa amaphephelezi. Aphekwa isikhathi eside ukuze avuthwe kahle athambe. Amabele ayagayelwa etsheni bese ayasuswa/aphalwe uma esegayeke ngokwanele. Ayathathwa afakwe esitsheni esivulekile noma embhengeni. Umcaba kwenziwa ngowo amasi.
  • Amagandangane – abuye abizwe ngokuthi ngamaqebelengwane. Kuthathwa inhlama yommbila ogayiwe ibunjwe yenziwe izigaqana ezibekwa phezu kommbila bese kuphekwa kuze kuvuthwe kanye kanye. Amagandangane adliwa nencoso noma adliwe ewodwa.
  • Isinkwa sommbila – senziwa ngokuhlanganisa ummbila ogaywe etsheni uxutshwe namanzi khona ungezokoma. Ngemuva kwalokho inhlama ibe isiphekwa okuthi uma isivuthiwe bese iyamaywa. Isinkwa sommbila sicishe sifane nojeqe, umahluko wukuthi isinkwa sommbila sona siyadleka nendwamba, lawo ngamasi phela avutshwe ngaso isinkwa sommbila.
  • Ifutho – ummbila omusha ophekwa ube isikhwebu, abanye bawuthanda ushisa uphuma embizeni kanti abanye bathanda ukuwumaya uma usupholile.
  • Umkhwantshu – uphekwa ngokuxova izinkobe zixutshwe nezindlubu noma nobhontshisi bese kwenziwa kushube, kungafakwa impuphu.
  • Incumbe wukudla kwabantwana abancane, yenziwa ngephalishi noma ngobisi.
  • Upata lwenziwa ngokufaka ummbila noma amabele emgodini osesibayeni isikhathi esiyizinsuku ezingamashumi amathathu (inyanga). Emva kwalokho lowo mmbila uyakhishwa kuphekwe ngawo iphalishi elibizwa ngokuthi wupata noma yisangcobe.
  • Umshwala wuphuthu oluphekwa ngokubilisa amanzi okufakwa kuwo impuphu kugovuzwe kuze kuhlangane kahle. Uphuthu ludinga isineke ke uma luphekwa ngoba uma lunganakiwe luyanyela, okusho ukuthi noma ungalugovuza isikhathi esingakanani uma nje selunyelile ludinga ukuchithwa ngoba ngeke lusadleka vele. Uphuthu ke ludliwa nanoma yisiphi isishebo.
  • Umbhaqanga yiphalishi lommbila noma lamabele.
  • Umdokwe uphekwa ngempuphu yommbila noma ngamabele agayiwe. Unesigaba lapho ulaliswa khona embizeni njengencwancwa (umdokwe omuncu). Uma umdokwe usuphekiwe wavuthwa, uyephulwa upholiswe bese ke uyamaywa (uyadliwa).
  • Umncindo wenziwa ngemithombo yokugaya utshwala okuthiwa wumqombothi. Inhlama yokugaya yenziwa ngemithombo yommbila noma yamabele. Inhlaba iyalaliswa bese kuthi ngelanga elilandelayo ibiliswe kanye namanzi abilayo ize ivuthwe. Ekuvuthweni kwayo leyo nhlama kuba ke sekuwumncindo. Ube usupholiswa udliwe ubanda. Abanye ke bathanda umncindo ofakwe ushukela ukuze wehle kamnandi emphinjeni.
  • Umkhwantshu uphekwa ngokuxova izinkobe zixutshwe nezindlubu noma nobhontshisi bese kwenziwa kushube, kungafakwa impuphu.
  • Incumbe ncumbe emandulo bekungukudla kwezingane. Incumbe iphalishi elidliwa izingane lifakwa ubisi noma amasi. Lesi sidlo senziwa ngokuqothwa (gaywa) kombila etsheni ngemuva kokuphekwa

Leave a Comment